Akufananga, iChiefs ikwazile ukuvika ukuhlulwa kwiSuperSport

ULeonardo Castro weKaizer Chiefs emdlalweni wabo neSuperSport United

OKADONGA GUMBI

Kube wumphumela iChiefs ezowamukela uma ubheka ukuthi isimo besibucayi kuleli qembu ngaphambi kwalo mdlalo walo neSuperSport United kwiDStv Premiership eFNB Stadium ngoMgqibelo ntambama.

Amakhosi abesehlulwe emidlalweni emithathu kulandelana ngaphambi kwalona kanti yize beyingayihlula iSuperSport, kodwa ukuyibamba ngo 1-1 kufanele kuyenelise okwamanje.

Lo mdlalo uqale ngegiya eliphezulu iChiefs ikhombisa ukuthi isekhaya futhi ngeke ivume ukulawulwa enkundleni yayo. Kodwa beyifike ixakeke uma seyiphambi kwamapali eSuperSport.

Kuze kwacishe kwayizivakashi ezikora kuqala kodwa uReeve Frosler wenze omuhle umsebenzi ngomzuzu ka-23 evimba ibhola ebelingqofwe ngu-Evans Rusike seloyokweqa umugqa wegoli.

Emizuzwini emihlanu ukusuka lapho, uFrosler uphinde waba yiqhawe laMakhosi eshaya elihle igoli ukuwabeka phambili ngomzuzu ka-28.

Ebona ukuthi iChiefs iyabaxaka ophikweni lwesikudla, uKaitano Tembo ukhiphe uLucky Mohomi wafaka uKudakwashe Mahachi ofike wenza umehluko obonakalayo.

Amatsatsantsa azamile ukubuya ngasekupheleni kwesiwombe sokuqala kodwa nawo abefike abanjwe umankunkela uma sekumele aqedele umsebenzi phambi kwamapali ka-Itumeleng Khune.

Ekuqaleni kwesiwombe sesibili, uTembo ukhiphe uRusike wafaka uThamsanqa Gabuza, ofike wanika izitobha zeChiefs inkinga, kwakhululeka noBradley Grobler.

Ngomzuzu ka-66, iSuperSport ibekelwe iphenathi ngemuva kokuthi u-Akumu Agay edonse uGabuza ngejezi ngaphakathi ebhokisini langakubo.

UGrobler ube eselinamathisela enethini ibhola kwaba ngu 1-1. U-Agay kwale kancane alungise iphutha lakhe ngomzuzu ka-76, kodwa ibhola lakhe lazishayisa epalini selimdidile uRonwen Williams.

UWilliams uveze ukuthi kungani ethenjwa nakwiBafana Bafana evimba elihle ibhola ebelishaywe nguNkosingiphile Ngcobo ngomzuzu ka-85. Ngemuva kwalokhu bese kungawina noma wubani kodwa kwasho khona ukuthi bonke bese beqaphe kakhulu ukungehlulwa.

Email: Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

 

 

 

 

 

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.