Akulunganga iBafana ibambana neZimbabwe, kodwa akukubi kakhulu

Akulunganga iBafana bambana neZimbabwe, kodwa akukubi kakhulu
UPercy Tau
UMBIKO: OKaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Kuncike ekutheni uwubuka ngaliphi iso umphumela weBafana Bafana ebambane neZimbabwe emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoLwesihlanu.

Uma ubheka ukuthi bekuwumdlalo wokuqala iBafana idlala kukhona umqeqeshi omusha uHugo Broos, uzoba nozwelo ubone yenze kahle.

Kodwa uma ubheka ngelokuthi iZimbabwe beyingahlomile ngendlela efanele njengoba abanye babadlali bayo bengakwazanga ukufika eqenjini nje, uzosola.

IBafana iwuqale kahle lo mdlalo wayo neZimbabwe futhi beyingalithola igoli esiwombeni sokuqala njengoba bekuyiyo edlala kangcono.

Nokho bekuvela ukuthi iqembu labadlali abaqalayo ukudlala ngawonye. Bekungekho ukuxhumana okudingekayo ukuze iqembu libe bukhali.

Avelile amathuba lapho nalaphaya kodwa abengekho acacile nongasola ngayo umdlali othile ukuthi udlale ngawo.

Kuqansile ke esiwombeni sesibili njengoba neZimbabwe ibuye seyikhumbulile ukuthi isekhaya ngakho ngeke izophendulwa iminqolo yiqembu elisahlanganisa.

Iwakhile amathuba iZimbabwe njengoba bese kubhoke abadlali abaziwa kahle kuleli oKhama Billiat noKnowledge Musona.

FUNDA NALA: UMaMkhize uyazikhaba izinsolo zokungaholeli abadlali kwiRoyal AM

Kodwa okuhle ke wukuthi iBafana ikwazile ukubambelela yagcina ilitholile iphuzu elilodwa. Iphuze lasekuhambeni libalulekile.

Cishe izobe seyidlala kangconywana ngoMsombuluko uma seyibhekene neGhana ekhaya. IGhana yilona qembu elisatshwayo eqoqweni leBafana.

Futhi iGhana ihlome iphelele njengoba yona ikwazile ukubathola bonke abadlali bayo. Njengoba isakhiwa nje iBafana, uma iingakwazi ukubamba iphuzu nakulo mdlalo kungabe isebenzile.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.