Akumhambeli kahle uTembo kwiSuperSport

UKaitano Tembo noBenni McCarthy
Sihle Ndlovu

Ukungahambi kahle kwezinto kwiSuperSport United kungase kugcwalise amahlebezi okuthi uKaitano Tembo ngeke esabuya njengomqeqeshi weqembu ngesizini ezayo.

Labo abakhuluma kanje bathi uStan Matthews usevele ukhulumile noBenni McCarthy, obeqeqesha AmaZulu FC, ukuthi athathe izintambo kwiSuperSport uma kuqala isizini ezayo.

Izinto ziphinde zabheda kwezikaTembo ngesikhathi ziwashiswa ijezi iTshakhuma Tsha Madzivhandila kwiNedbank Cup ngoLwesihlanu. ISuperSport ike yahamba phambili ngo 2-0 kulo mdlalo kodwa yagcina ishaywe ngo 3-2.

Lokhu uthe kuyamphoxa kakhulu uTembo ngoba bese bethembile ukuthi bazowuwina umdlalo.
“Sinenkinga yokuthi asinabo ubuholi ikakhulukazi maphakathi emuva,” kusho uTembo.
“Kuyaphoxa kakhulu ukuthi sishaywe kanje. Kodwa njengoba ngishilo asinawo amava eqenjini lethu ngaphandle kukaRonwen (Williams).

“Maphakathi emuva yilapho sinezinkinga khona. Bahlulekile ukumelana noManzini (Rhulani) noRendani Ndou. Ileyo inselelo enkulu esibhekene nayo njengamanje.”

NakwiDStv Premiership aziyihambeni kahle neze izinto iSuperSport njengoba isendaweni yesishiyagalombili kwilogi. Indlela okwenzeka ngayo kubukeka izozabalaza ukuze iqede kwiTop 8.

“Siyafuna ukuwina kodwa kumele sibe neqiniso ukuthi iqembu linabaphi abadlali. Uma ubuka ebhentshini lethu sinabadlali abasebencane bodwa.”

Phakathi kwabadlali abalimele kwiSuperSport kukhona uBradley Grobler Kudakwashe Mahachi noThamsanqa Gabuza. USipho Mbule usamisiwe eqenjini ngenxa yokuhluleka ukuziphatha.

Emdlalweni olandelayo iSuperSport izovakashela iKaizer Chiefs koweligi eFNB Stadium ngo-Ephreli 16.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.