‘Akunikwe uMalesela noNcikazi ithuba lokuvusa iPirates’

UDaniel Malesela
Sihle Ndlovu

‘I-Orlando Pirates ayinike umsebenzi wokuqeqesha uDan “Dance” Malesela, ngeke izisole.’

Lokhu kushiwo omunye wabadlali bakudala beBucs ongathandanga nokho ukuthi kuvezwe igama lakhe ngezizathu azibalulile.

“Mhlawumbe iyona le nto ebuye isivimbe ukuthi sithole imisebenzi ngoba kuthiwa sikhuluma kakhulu,” kusho le nkakha.

Nokho ikubeke kwacaca ukuthi uMalesela angafike asebenze kahle kwiBucs.

“Ngokwami uMalesela angafike abambisane kahle noMandla Ncikazi, engikholwa wukuthi ungumqeqeshi omuhle. UMandla (Ncikazi) noFadlu Davids ngibona benze umsebeni omuhle kwiPirates, inkinga bekuwukushaya amagoli,” kusho lo mthombo.

“Naye uFadlu ungumqeqeshi onekusasa elihle yize esemncane. Njengabaqeqeshi siyaba sesimeni lapho kumele sizibuze khona ukuthi yikuphi okumele sikulungise.”

UDavids usanda kukhonjwa indlela kwiPirates, kwasala uNcikazi abesebenzisana naye ngemuva kokuhamba kukaJosef Zinnbauer. Abalandeli beBucs bamfuna ehambile kwayena uNcikazi.

“Ngiyazi uMalesela useke waxoshwa emaqenjini wabuye wazihambela kwamanye. Nokho ngibona engayibamba nje kahle kwiPirates.

“Uma sewake wadlalela iPirates kuhlale kukhona lokho kuwena ukuthi ‘ngimhlophe futhi ngimnyama’.

“Ngicabanga ukuthi nakuPitso Mosimane kunjalo. Angingabazi ukuthi mhla wanquma ukubuyela eNingizimu Afrika uyofuna ukucija iPirates.”

Kuyavela ukuthi bakhona nabanye abadlali abathile bePirates abanxenxa abaphathi beqembu ukuthi banike ithuba uMalesela, asebenze noNcikazi.

“Amajita akholwa wukuthi  umqeqeshi uMalesela umfanele umsebenzi. Bacabanga ukuthi uyena ongabuyisa izinsuku zenjabulo eqenjini,” kusho umthombo ongaphakathi kwiBucs.

“Buka iqembu ngesizini edlule. Akubanga yisizini enhle ngoba ayikho indebe eliyitholile kodwa lokho akusho ukuthi iqembu liyabheda.

“UMalesela uyalwazi usiko lweqembu futhi udlalile kulona. Okunye ukuthi iningi labadlali bePirates uyalazi.”

UMosimane naye wake wayidlalela iPirates. Njengamanje akanaqembu njengoba esanda kuhlukana ne-Al Ahly abesehlale kuyona izinyanga ezingu-20.

Abalandeli bePirates balindele ngabomvu ukuthi imemezele umqeqeshi kanti abaningi bafuna kube uBenni McCarthy naye ongenalo iqembu, kulandela ukuchithwa AmaZulu FC. Omunye umqeqeshi ongenaqembu uGavin Hunt ogcine ukuqeqesha kwiChippa United.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.