Akusacaci ngosuku lwesethembiso kuMchunu no-Ilunga

Akusacaci ngosuku lwesethembiso kuMchunu no-Ilunga
UThabiso Mchunu
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Akucaci ukuthi izoba nini impi ebhekwe ngabomvu phakathi kukaThabiso “The Rock” Mchunu no-Ilunga Makabu waseDemocratic Republic of Congo.

Laba bashayisibhakela bekumele batholane phezulu ngoMgqibelo empini yebhande yeWBC esisindweni se-cruiserweight kodwa lokho ngeke kusenzeka.

Impi bekumele ibe seDRC noma eMelika ngokusho kukaMchunu.

“Nxese mfwethu bengithi uyazi. Angithi phela kwagcina sekuthiwe kuzoba uDisemba 20, belokhu bengaqinisekisi.

“Kodwa engingakuqinisekisa ukuthi impi ngeke isaba khona kulo nyaka,” kusho uMchunu.

“Izoze ibe khona ngonyaka ozayo, nakhona futhi usuku alukashiwo noma isekupheleni kukaJanuwari noma iphakathi noFebhuwari.

“Yinto engacacile empeleni. Nakho ukuthi sizolwela kuphi akukacaci kodwa ngicabanga ukuthi iseCongo.”

Nokho uMchunu akalilahlile ithemba lokuthi izogcina ibe khona le mpi futhi usaqhubeka nokuzilungiselela.

“Maningi amathuba okuthi impi ibe khona phakathi noma ekupheleni kukaJanuwari. Kodwa mhlawumbe lokho kuzoqinisekiswa ngoDisemba. ngaphambi kukaKhisimusi.

“Uma nje sebebeqinisekisile ngizokwazisa mfwethu. Kodwa nawe ulokhu ungibheka ngoba umuntu ubuye akhohlwe.

“Engingakusho njengamanje ukuthi bakhulumela ukuthi kube yisekupheleni kukaJanuwari kodwa akukho osekuqinisekisiwe.”

FUNDA NALA: UBaccus usekhuhle ibhentshi waze wakhumbula ekhaya

Le mpi ibhekwe ngabomvu ngabaningi ngoba ifana neyamagqubu.

Nokho uMchunu akafuni ukuthi ufuna ukuziphindisela kuMakabu obukise ngaye eThekwini emthela phansi ngo-2016.

U-The Rock ugcizelela ukuthi into ebaluleke kakhulu kuyena ukuthi awine ibhande leWBC.

Ubaba kaThabiso, u-Alex Mchunu, ngesikhathi ekhuluma ne-Impempe.com emasontweni edlule, uthe ayikho into engambusisa njengokuthi indodana yakhe iwine ibhande leWBC elihlonishwayo emhlabeni.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *