Akusemnandi kwabeSundowns ukudliswa onompempe

Akusemnandi kwabeSundowns ukudliswa onompempe
OkaDonga Gumbi

Isole onompempe iMamelodi Sundowns ngesikhathi ihlulwa okwesibili kwiDStv Premiership ngoMgqibelo ebusuku.

ISundowns igotshiswe yiMaritzburg United ewine lo mdlalo obuseHarry Gwala Stadium ngo 2-1.

Nokho ukuhlulwa kweSundowns akwehlanga kahle kumqeqeshi uManqoba Mngqithi.

Lo mqeqeshi uthi babanjwe inkunzi onompempe kanti bese kungokwesibili kubenza lokhu. Umdlalo bewuphethwe uThando Ndzandzeka.

“Into okuyiyona edumazayo wukuthi okwesibili sihlulwa kule sizini kanti kuyo yomibili imdlalo esihlulwe kuyo kube ngenxa yezinqumo zonompempe ezingacacile.

“Sihlulwa okokuqala AmaZulu kwakungamele libalwe igoli ngoba owalishaya wayesendaweni engamfanele,” kuchaza yena.

“Manje sesidliwe okwesibili yiMaritzburg, nakhona egolini lokuqala uNdengane ubekotela uThaelo phambi kukanommepe.

“Akukhona ukuthi unompempe ubesithekile mhlambe engaboni, ubone kahle obekwenzeka phambi kwakhe. Bashaya igoli lokulinganisa.

“Kwasuka lapho kwaba yiphenathi. Loya mfana ubesevele ezidayivela ngaphambi kokuthi uKennedy azame ukufaka unyawo. Kodwa kwabekwa iphenathi, sahlulwa kanjalo.

“Manje usala uzibuza ukuthi thina kumele sihlulwe ngenxa yezinqumo zonompempe noma ngoba asikwenzi okumele sikwenze?

“Siyalivuma icala lokuthi asiwashayanga amagoli amaningi ngokwamathuba esiwakhile kodwa kolunye uhlangothi siyakhala ngokuthi iligi yethu ayisuphendulwa ihlaya.

FUNDA NALA: UMoloi we-Athletics SA uthi banxenxa uMotsepe ukuzofukula ezokusubatha

“Sakhe amathuba amaningi ngale ndlela yokuthi besingawuwina umdlalo. Kumele sizisole thina ngokungawasebenzisi lawo mathuba.

“Phela iqiniso wukuthi bekumele siwasebenzise ngoba abemaningi. Uma ungawasebenzisi kuphetha ngokuthi uzisole,” kusho uMngqithi.

ISundowns nayo iyibekeliwe iphenathi ngasekupheleni komdlalo kodwa uMarcel Engelhardt wayivimba kad eishaywe nguThemba Zwane.

“Ngicabanga ukuthi ube neshwa nje. Nguyena esimethembayo ekushayeni iphenathi futhi ngeke kuthi manje ngoba usegeje lena bese simsola.

“Lokho ngabe sidlala ngaye. Simnike leya phenathi ngoba uhlale ewashaya. Asimkhethanda ngoba nakhu siyamthanda.

“Kumele simxolele ngoba siyakuqonda ukuthi ebholeni kuyenzeka wenze kahle ngelinye ilanga, ngelinye kungalungi.”

Onompempe bakuleli sekunesikhathi kukhalwa ngabo ngokuthi abaenzi ngendlela egculisay umsebenzi wabo.

editor@impempe.com

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.