Akusho lutho ukuthi kade ngagcina ukucija elePSL, kusho uZondo

UPitso Dladla weRichards Bay noKhabo Zondo weRoyal AM
Sihle Ndlovu

UKhabonina Zondo ongumqeqeshi omusha weRoyal AM uthi ukungabonakali eqeqesha iqembu lePremier Soccer League akuchazi kona ukuthi ubehlala phansi kwetshe.

Usho lokhu ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni iKZN Premier’s Cup ka-2022, eLangeni Hotel, eThekwini. IRoyal AM izobhekana neRichards Bay FC emdlalweni wokuqala walo mqhudelwano eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoJulayi 31.

“Bengikhona la eNingizimu Afrika, ngiyaphila ngiyaphefumula,” kusho uZondo.

“Bengimatasa nabadlali abasebancane, ungibonile kwiNedbank. Ngakho bengisifaka isandla kulo mdlalo kanobhutshuzwayo.”

Kukhona labo abacabanga ukuthi lo mqeqeshi kumzomxhela ukucija iThwihli Thwahla ngoba ibhola selishintshe kakhulu  manje. Nokho yena uthe usengakwazi ukwenza noma yini yenzeke njengoqeqeshi

“Akukho mayelana nokuhlala ebhentshini uqeqesha iqembu lePSL. Ebholeni ungafaka isandla ngayo yonke indlela. Nangu ukhona uBongani Sam (ohlonzwe yimina) nomunye umfana osemncane odlalela iChippa United,” kuchaza uZondo.

“Ukufaka isandla (ebholeni) bekulokhu kukhona futhi kukukhulu kimina ukuthi ngikholwe ngisengumqeqeshi futhi ngisenza lokho engikuthandayo.

“IRoyal AM ize kimina futhi ngiyabonga kakhulu ngokuthi banginike ithuba, ngithe ngingakwazi ukukwenza lokhu.”

IThwihli Thwahla yenze kahle kakhulu ngesizini edlule ngaphansi kukaJohn Maduka oyishiyile wajoyina iMaritzburg United.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.