‘Yonke into ikhomba ukuthi akuwona umdlalo nje lo’ kusho uNcikazi

'Akuwona umdlalo nje lo' kusho uNcikazi ngoweChiefs nePirates
UMandla Ncikazi
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Uthe uma ebheka izinto ezenzeka ejimini kuleli viki wabona uMandla Ncikazi ukuthi umdlalo wabo wangoMgqibelo ungobalulekile futhi wehlukile.

Lo mqeqeshi we-Orlando Pirates uthi indlela abadlali abaziphethe ngayo ejimini yenza bucace ubukhulu balo mdlalo.

“Akuwona umdlalo nje lona,” usho kanje lo mqeqeshi odabuka eHlokozi KwaZulu-Natal ngoLwesine.

IBucs izogadulisana neKaizer Chiefs eFNB Stadium emdlalweni onedumela elikhulu kwiDStv Premiership.

“Uma ubheka izinto ejimini, uyabona ukuthi indlela yokuziphatha ijikile kubadlali.

“Ukwehla komsindo, ukuzinikela kokwenziwa ejimini… Lokho kukutshela ukuthi akuwona umdlalo nje lo.”

IPirates inenkinga yokulinyalelwa ngabadlali okwenza ihlale ijika indlela ehleleka ngayo enkundleni kanti anacebo ayajikajika.

“Kwesinye isikhathi ukuthi abazi ukuthi yini okumele bayilindele kuwe kuba yinto enhle.

“Kodwa okubaluleke kakhulu yisimo somqondo ngosuku lomdlalo. Uma lapho kungekuhle, uzoshayeka.

“Kumele sisebenzise umphumela omuhle womdlalo odlule ukuzigqugquzela.”

IPirates ishaye eSekhukhune United ngo 2-1 ngoLwesibili ekubeni beyike yalandela ngemuva kwangathi izophoxeka.

“Kwesinye isikhathi into okuyoyona enhle ngawe ingagcina isiba yisihibe esikuqumba phansi.

“Asifuni ke ukugaxela kuleso sihibe nathi ngokucabanga ukuthi njengoba siwinile nje emdlalweni odlule sesinelungelo lokuwina nakolandelayo.

“Emidlalweni yomkhaya umlando awusebenzi, ifomu ayisebenzi. Kuncika ekutheni uzilungiselel kanjani.

FUNDA NALA: ISundowns isabisa ngomthetho koyihlambalazile

“Kuya ngokuthi abadlali bakwenza kanjani enkundleni ebenizijika kukho ejimini futhi kumele anciphe amaphutha.

“Amathuba esizowakha, okungenzeka angabi maningi, kuzomele siwasebenzise.

“Sesakha amathuba angcono kakhulu manje. Ukuthi nje asibukhali ngendlela efanele phambili.

“Kodwa ngiyakuqonda ukuthi lento ithatha isikhathi… ukushintshashintsha kwabadlali nendlela mhlwumbe esidlala ngayo – ayifani nale ndlela ebesidlala ngayo kusekhona umqeqeshi odlule (uJosef Zinnbauer)

“Lezinto mhlawumbe zithatha isikhathi ukuhlangana futhi thina sesifuna izinto ezinkulu ngokushesha.”

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.