Akuyisizanga ukuhamba kukaBaxter iChiefs ivuthuzwa yiStellies

Akuyisizanga ukuhamba kukaBaxter iChiefs ivuthuzwa yiStellies
OkaDonga Gumbi

Yize beyinezikhawu la beyidlala khona ibhola elihle, kodwa iKaizer Chiefs iphinde yavuthwa yinduku kwiStellenbosch FC ngoMgqibelo ntambama.

La maqembu abegasulisana emdlalweni weDStv Premiership eKapa kanti bekungowokuqala iChiefs idlala engasekho uStuart Baxter.

Lo mqeqeshi uxoshwe ngoLwesithathu kulandela ukungabonakali komehluko afike nawo eqenjini njengoba esebuya isibili nje.

Kunikezwe o-Arthur Zwane noDillon Shepard ukuthi baqhubeke neqembu kuze kuphele le sizini.

Izinto zisheshe zabhimba kulo mdlalo njengoba iStellies ihambe phambili ngomzuzu ka-20 ngesikhathi uDeono van Rooyen elivalela enethini.

IChiefs izamile ukubuya kodwa kwasho khona ukuthi izinto azivumi ukuhlangana okungenzeka ukuthi kwezinwe wukushintshwa kakhulu kweqembu.

UZwane noShepard baqalise okungenani abathathu kubadlali abangajwayele ukudlala. Banike oSabelo Radebe noHappy Mashiane umdalo wabo wokuqala bewuqala kule sizini.

Babuyisele noNjabulo Ngcobo emuva hhayi esiswini la abechibiyela khona kuBaxter. Nokho lokhu akusebenzanga ngendlela ebifanele.

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *