Akuzumxhamazelisa ukubuya kwabagadli bakhe uZinnbauer

Umgadli we-Orlando Pirates, uTshegofatso Mabasa

OKADONGA GUMBI

Yize i-Orlando Pirates beyithwele kanzima kulezi zinyanga ezimbalwa ezidlule ilinyalelwe yibo bonke abagadli bayo, umqeqeshi uJosef Zinnbauer uthi ngeke axine ukubaqalisa imidlalo laba asebebuyile.
OGabadinho Mhango noTshegofatso Mabasa babonakale ebhentshini leBucs okokuqala ngemuva kwesikhathi eside ngesikhathi ibhekene neBloemfomtein Celtic ngoLwesibili futhi bangenile enkundleni ngasekugcineni komdlalo.
UZinnbauer uthi bekuvele kuyicebo lakhe ukuthi angavele abajikijele emdlalweni onzima bebe besanda kwelulama ngoba lokho kungababuyisela emuva.
“Impela sijabule ngokubuya kwabagadli bethu, kodwa siyazi ukuthi bazodinga isikhathi ukuze babuyele esimweni esifanele.
“Yingakho sibafake ngasekugcineni. Ukubuya kwabo kuzokwenza sibe nabadlali abaningi esizokhetha kubo,” kuchaza uZinnbauer ngemuva kokuguqisa iCeltic ngo 1-0 wegoli likaFortune Makaringe.
Ngaphandle kukaMhango noMabasa, iPirates izophinde ihlome nangoThembinkosi Lorch emdlalweni wayo olandelayo njengoba naye eseluleme. ULorch uyena obesesetshenziswa njengomgadli kuleli qembu ngaphambi kokuthi naye alimale. Kube sekubekwa uDeon Hotto phambili.
“ULorch useqalile ukuzilolonga neqembu kodwa sizobona ezinsukwini ezimbili ezizayo ukuthi sizokwazi yini ukuba naye ngoMgqibelo,” kusho lo mqeqeshi.
IBucs izobhekana neChippa United ekuhambeni ngoMgqibelo. UZinnbauer uthi unethemba lokuthi bazodlala kangcono kunalokhu abakwenze ngoLwesibili.
“Bekuwumdlalo onzima, asidlalanga kahle. Abadlali bebekhathele ngenxa yokuthi sibe nemidlalo eminingi ezinsukwini ezimbalwa ezidlule kanti sekuyezwela kubo.
“Umdlalo ubungemuhle kodwa umphumela wona sijabule ngawo. Sesidlulile kodwa kuwo sesibheke owamgoMgqibelo. “Njengamanje sifuna ukuyophumula ukuze kufike uMgqibelo sesiwulungele umdlalo, ukuze sidlale kangcono kunalokhu esikubonile namuhla.
“Ngiyaqonda ukuthi kungani singadlalanga kahle namuhla ngoba imidlalo ayifani,” kuphetha uZinnbauer.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.