Ama-Ravens afuna kwande isibalo sabangenela imijaho yawo

Ama-Aravens afuna kwande isibalo sabangenela imijaho yawo
Alfred Ngubane 

Usihlalo weqembu labasuthabi Ama-Ravens uThokozisi Khuzwayo usenxenxe bonke abantu abangabona abasubathi abakhokhelwayo ukuba babajoyine.

Uthi ufuna labo abazama ukwehlisa isisindo somzimba nabalwa nezifo ezahlukene emzimbeni ukuba beze kubo.

Ukhulume neMpempe wathi kuyamkhathaza ukubona abantu bezivocavoca emalokishini kodwa uma kunemijaho bengabonakali ngoba becabanga ukuthi ngeyabasubathi abakhokhelwayo kuphela.

Ucele ukuthi baphume ngobuningi emalokishini nasemakhaya ngomhla ka-27 kuFebhuwari njengoba benomjaho nje.

Lo mjaho iBest of the Best Marathon ingumjaho ogunyazwe ngabeComrades Marathon nabeTwo Oceans ukuthi abasubathi abafuna ukungenela nokwenza isikhathi ezinhle ezibekiwe bangenele wona.

FUNDA NALA: Unozinti we-Egypt ehlazweni ‘lomuthi’¬†

Lo mjaho uhlelwe ngobukhulu ubunono abasubathi bazokwazi ukunamathela kahle njengoba ungenayo imiqansa.

Amqembu aKwaZulu-Natal kulindeleke akhiphane inkani ngabasubathi abanohlonzo abasanda kubasayina

Singabala oJanet Mbele, Rutendo Nyahora, Zinhle Tshabalala beXcel Running Club, kanti kwiHollywoodbets Club kubhekwe oMahlomula Sekhonyane noNkosinathi Mhlakwane.

KwabePhantane Athletics Club kulindeleke igadle ngoMbulaleni Mathanga nabanye. Lo mjaho uphinde wabusiswa ngusihlalo weComrades Marathon uMqondisi Ngcobo.

Ubuhanjelwe nangu-Aleck Sikhosana nowake waba ngumengameli we-ASA kanjalo nomengameli weKZN Athletics uSteve Mkasi noSponke Seme ongumqeqeshi ohlonishwayo emhlabeni jikelele.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.