AmaBhokobhoko azobhodlela kwiLions ngabawasola ngokungavuthwa

AmaBhokobhoko azobhodlela kwiLions ngabawasola ngokungavuthwa
UBongi Mbonambi
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Kukhona abacabanga ukuthi amaBhokobhoko awavuthiwe ngokwanele, nomake iphekwe uhhafu njengoba izobhekana ne-British & Irish Lions emdlalweni weTest okade walindelwa eCape Town Stadium, ngoMgqibelo ngo-6 ntambama.

Labo abacabanga kanjalo bakususela ekutheni amaBhokobhoko asadlale umdlalo wodwa kuphela selokhu awina iNdebe yoMhlaba ngoNovemba 2019 eJapan.

INingizimu Afrika idlale neGeorgia yawina, kanti umdlalo wesibili ebizowudlala naleli lizwe, ubhuntshile ngenxa yokuhlanga kweCoronavirus emakhempini amaqembu womabili.

Mhlawumbe labo ababona ukuthi amaBhokobhoko awavuthiwe kahle njengamanje, babona nokuthi amalungiselelo awo okubhekana neBritish & Irish Lions, aphazanyiswe kakhulu ukuqubuka kweCoronavirus ekhempini yawo.

Abadlali abafana noSiyamthanda Kolisi, ukaputeni, kuke kwadingeka ukuthi bangaziqeqeshi neqembu ngenxa yokuhaqwa yiCovid-19.

Nokho uBongi Mbonambi uthi abafuna ukuzwa ukuthi amaBhokobhoko akuliphi izinga, kumele bangene nawo enkundleni bazizwele ushukela.

“Siyezwa bekhuluma, abantu la ngaphandle bathi asivuthiwe ngokuphelele. Ngokusho kanjalo bathela uphethiloli emlilweni, usuvutha kakhulu kunakuqala.

“Sizobona ukuthi kuzokwenzekani ngoMgqibelo, iqembu lonke liwubhekile lo mdlalo,” kusho isigora esiwuMbonambi.

AmaBhokobhoko azobhekana neLions ephelele wonke futhi ebophele abadlali abaningi adle nabo iNdebe yoMhlaba ngo-2019 eJapan.

Azobe eholwa uKolisi olulame ngesikhathi kwiCovid-19, kanti uHandre’ Pollard naye uzobe ekhona kunombolo 10. Naye lo mdlali uke wahlaselwa yiCovid-19 okwenze wangaziqeqesha neqembu.

FUNDA NALA: IChiefs ingase ilahlekelwe wuNgcobo efika nje kuyo njengoba efunwa elaphesheya

UMbonambi, lo othi akeze ocabanga ukuthi abahlangene kahle, ukhona naye kunombolo 2, kanti kunombolo 11 nonombolo 14 kukhona abadlali abashaye into ecokeme kwiNdebe yoMhlaba, uCheslin Kolbe noMakazole Mapimpi, naye ophuma emgonqweni weCovid 19.

Uphunyuka bemphethe uFaf de Klerk ukhona kunombolo 9 kanti umdlali obengekho kwiNdebe yoMhlaba ozoqala umdlalo, uKwagga Smith ozodlala kunombolo 8. Sekuzocaca ngoMgqibelo ntambama ukuthi lesi sitshulu esiphekwe oMzandile Stick (ongumqeqeshi wabadlali basemuva kumaBhokobhoko), siyadleka yini noma sidle ngakho ukungavuthwa kahle.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *