Amahlebezi ngekusasa likaBarker kwiStellenbosch kubonakala owayeqeqesha iChiefs eKapa

USteve Barker

OKADONGA GUMBI

Ukubonakala kowayeqeqesha iKaizer Chiefs neBafana Bafana phambilini, uStuart Baxter eKapa sekususe amahlebezi ngekusasa likaSteve Barker opheka iStellenbosch.
UBaxter kuthiwa ubonakale kuleli dolobhakazi ngoLwesihlanu ntambama kwabe sekusolwa ukuthi uzoxoxisana nabaphathi beStellies ngokuthatha umsebenzi wokuhlenga leli qembu elidonsa kanzima.
IStellenbosch, esekwe yiziqumama zakwaRupert ngezimali, kumanje isendaweni ka-13 kwiDStv Premiership kanti isaqoqe amaphuzu angu-15 emidlalweni engu-16.
Impempe isithole ukuthi abaphathi beqembu sebeke bakuveza ukungeneliseki kwabo ngesimo seqembu, kanti kusolakala ukuthi sebeqalile ukuthungatha umqeqeshi.
“UBarker unalo lonke uhlobo lwabadlali ongalucabanga, akaswele lutho kodwa imiphumela iyamphika. Lokhu sekwenze abaphathi baqala ukushaya amakhala. Bake bambiza bambiza ukuthi konakelephi,” kusho omunye osondelene neqembu ocele lingavezwa igama lakhe.
Yikho lokhu osekwenze ukubonakala kukaBaxter eKapa kusolise ukuthi uzothatha umsebenzi kaBarker. UBaxter usanda kuxoshwa yiqembu lase-India, i-Odisha ngemuva kokukhuluma budlabha ngokudlwengula.
UBaxter wayecikwe yisenzo sikanompempe sokubancisha iphenathi wabe esethi mhlawumbe kudingeka omunye wabadlali bakhe adlwengulwe ukuze kubonakale ukuthi bahlukunyeziwe.
Le nkulumo yalumela kakhulu kwazise indaba yokudlwengula ingenye yezinkinga ezikhungethe leliya lizwe elise-Asia. Abaphathi be-Odisha banquma ukuba bamkhombe indlela.
Kulandela lokhu, kwaba neziphakamiso zokuthi iSAFA kumele imfake ohlwini lwabantu abangasadingeki kuleli njengoLuc Eymael waseBelgium.
U-Eymael waxoshwa yiqembu laseTanzania iYoung Africans ngemuva kokusolwa ngenkulumo enokucwasa kulandela ukuthi afanisa abalandeli baleli qembu nezinkawu.
Lo mqeqeshi oke wapheka iFree State Stars, Black Leopards nePolokwane City kuleli ubeseqashwe yiChippa United muva nje kodwa kwakhala wonke umuntu, iSAFA nayo yangenelela yathi akadingeki kuleli ngenxa yokucwasa kwakhe.
IChilli Boys yabe seyikuhoxisa ukuqasha kwayo, yabuyisa uDan Malesela esikhundleni sakhe.
UBaxter unamava ebholeni lakuleli njengoba aba nempumelelo ekhangayo kwiChiefs nakwiSuperSport United ngaphambi kokubuyela kwiBafana la izinto zafika zamphika, wagcina eshiye phansi.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.