Amakhadi amabili abomvu zisuka kowePSL

Amakhadi amabili abomvu zisuka kowePSL
UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter 

Onozinti abazange bavimbe bhola ngesikhathi iSekhukhune United ishayela iSuperSport United ekhaya ngo 1-0 emdlalweni weDStv Premiership ngeSonto ntambama.

ISekhukhune igqume yahlala endaweni yesibili ngemuva kwalo mphumela walo mdlalo obuseLucas Moripe Stadium.

Ngaphambi kokuthi uTsidiso Patjie ashaye igoli ngomzuzu ka-88, belingekho ibhola ebelike lakhahlelwa laqonda epalini kulo mdlalo.

FUNDA NALA: Umshushisi wePSL usesishiye phansi isikhundla

Eqinisweni nje ukube alibanga khona leli goli namakhadi amabili abomvu aphume usanda kuqala umdlalo ngabe akukho okutheni okungabikwa ngalo mdlalo.

Amakhadi amabili abomvu aphume kusaphele imizuzu engu-15 umdlalo uqalile.

Amathuba wona abekhona kulo mdlalo weDStv Premiership obuseLucas Moripe Stadium kodwa alikho ebelicacile noma elike laphetha ngebhola elivinjwe unozinti.

Umdlalo uqale ngendlela engajwayelekile njengoba uVusumuzi Mncube ekhishwe ngekhai elibomvu kusaphele imizuzu eyisikhombisa.

Lokhu bekungemuva kokuthi edlalise kabi uRodney Reiners, unompempe uVictor Gomes wavele wamshaya ngelibomvu.

Kuthe kusaphele imizuzu eyisikhombisa kusuka lapho, noTalent Mbatha weSuperSport uthole elibomvu kulandela ukudlalisa kabi oweSekhukhune.

Ngemuva kwalezi zigameko akukho okunye okutheni okwenzekile kulo mdlalo.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.