Amakhosi asinde sekuminciwe endukwini kwiMaritzburg

UMulomowandau Mathoho weKaizer Chiefs noBongokuhle Hlongwane weMaritzburg United

SIHLE NDLOVU

IKaizer Chiefs iphinde yalahla amaphuzu abalulekile ibambana ngo 1-1 neMaritzburg United emdlalweni weDStv Premiership, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoLwesithathu.

IChiefs iye kulo mdlalo inakho ukuzethemba yize kungayihambeli kahle emidlalweni yegili kule sizini. Ibikade isanda kuwina umdlalo weCAF Champions League kungathembe muntu ngempelasonto. Nokho ngoLwesibili kucace bha ukungabi bahle emapalini njengoba ibigeja.

Ngesiwombe sokuqala umdlalo bezibambene kodwa yiTeam of Choice ebibukeka yenza kangcono. Okuphawulakile kulo mdlalo ukuthi iMaritzburg beyingcono kulo mdlalo esiwombeni sokuqala. Ngesikhathi kubukeka sengathi iChiefs ingena egiyeni kuvele konakala ngomzuzu ka-15 uThabiso Kutumela eshaya igoli eliphule iChiefs amadolo. Ngemuva kwalokho bese kuyiTeam of Choice ebilokhu ifika ezintini zikaDaniel Akpeyi odlale kahle kakhulu ngoLwesithathu.

Isiwombe sesibili siqale iChiefs ifuna igoli kodwa yiTeam of Choice ekhombise ukuba yingozi uma iya phambili. Kulesi siwombe kuke kwaba nesikhathi lapho uJudas Moseamedi eshaye khona ipali sekuvalwe amehlo. Lo mgadli ongayibheki iChiefs ungene ngesiwombe sesibili iTeam of Choice ihamba phambili ngo 1-0.

Nokho iChiefs ibambelele kwaze kwaba yenza izinguquko ezibe nomthelela ekutheni ibuye nephuzu eMgungundlovu.

Kube uLebogang Manyama otakule iChiefs osizini seliyoshona ilanga ngomzuzu ka-88 ngokushaya igoli lokulinganisa. Lapha bese kubukeka sengathi iChiefs izowashiya wonke amaphuzu eMgungundlovu. Bekuzobe kungokwesibili iChiefs ishaywa yiMaritzburg kule sizini.

Akukuhle neze kwiChiefs njengoba ihleli endaweni ka-11 kwi-log yePremiership. Kuzomele ibhukule emidlalweni ezayo ngoba vele isabhekene nemidlalo yeCAF Champions League.

Email: editor@impmpe.com

Twitter: @impmpe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.