OKADONGA GUMBI
Amancoko yiwona abawasebenzisa ukwakha ubumbano kuMamelodi Sundowns ngokusho kwesihlabani waleli qembu laseChloorkop, uThemba Zwane.
Ekuqaleni kwale sizini, uZwane wanqumelana nomunye wabaqeqeshi, uSteve Komphela ukuthi uma eshaye igoli lo mqeqeshi uzoshaya ama-push ups angu-50.
UZwane uthi lena ngenye yezinto ezibahlanganisayo beyiqembu nezenza bakujabulele ukuya ejimini. “Izinto ezinjalo yizo ezikhuphula ukuzwana eqenjini, zenze kube nomuzwa wenjabulo. Uma nibumbene yonke into ivele ihambe kahle,” kusho uZwane.
“Sinabadlali abasha eqenjini kanti ukubuye senze amancoko anjena kwenza bakhululeke, bazibone besendaweni enenjabulo futhi beyingxenye yeqembu.
“Kodwa uma sekushaye isikhathi sokusebenza, ukuncokola kuyaphela kusetshenzwe ngokuzimisela,” kucacisa lo mdlali ozalwa eTembisa, eGauteng.
Imiphumela yokusebenza isobala futhi ibonwa nayingane encane njengoba leli qembu lisahlulwe kanye (kwiMTN8) selokhu kuqale le sizini. KwiDStv Premiership, Nedbank Cup nakwiCAF Champions League liyizwa ngendaba induku.
“Asikahlulwa futhi lokho kukhomba ukuthi senza kahle. Sibumbene, siyasizana futhi silekelelane uma sisemdlalweni. Sinabadlali abaseqhelweni abazele ukuzosebenza lapha,” kuchaza uZwane.
UMshishi – okuyigama lesidlaliso likaZwane alithola ebholeni – udlala ngokuhlangana okumangalisayo nozakwabo abahlasela nabo oGaston Sirino, Lebogang Maboe noPeter Shalulile.
“Ukuhlangana kweminyakazo kuqala ejimini la sisuke sizinikele khona, sizama ukwazana kangcono nokuxhumana. Siyagqugquzelana ngaso sonke isikhathi.
“Lokho kuyabonakala ngoba uma kukhona oshaye igoli siya sonke ekhoneni siyombungaza, okukhombisa ukubambisana kweqembu. Akubalulekile kithi ukuthi ubani oshaye igoli, uma nje siwinile, yilokho esisuke sikufuna.”
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA