Amaphoyisa azingela uJabu “Pule” Mahlangu ngecala lengozi

UJabu Pule
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Amaphoyisa aseBenoni eGoli kuthiwa aseqalile ukulandela umkhondo kaJabu “Pule” Mahlangu owaba sengozini yemoto ngempelasonto edlule qede wacela empunzini.

UMahlangu, owazakhela igama ebholeni esenguJabu Pule, washayisana netekisi kwalimala abantu abangu-14 nentokazi ayehamba nayo kwiBMW M4 yakhe.

Kuthiwa ngemuva kwale ngozi waphuma emotweni yakhe wathi zithende zami ngibelethe eshiya kanjalo engasabhekanga ukuthi kukhona yini abalimele.

Kwabuye kwavela ngommeli wakhe uMabu Marweshe ukuthi usesibhedlela kulandela le ngozi.

ISunday World ibika ukuthi uMahlangu usevulelwe icala ngamaphoyisa eSAPS kulandela ukuba akamasipala elidlulisele kuwo lolu daba.

“UJabu akazange alokhu emosha isikhathi wavele wanyamalala endaweni yesigameko,” kusho umthombo ocashunwe yileli phephandaba.

FUNDA NALA: Usale engakholwa umdlali exoshwa kwiRichards Bay

“Waphuma emotweni yakhe washiya owesifazane ngemuva, weqa udonga olwaluseduze qede waphela emehlweni.”

Uthe akekho owazama ukumvimba ngoba kwakungalindelekile ukuthi engenza leyanto ngoba kwakucatshangwa ukuthi naye ulimalile.

“Athi efika amaphoyisa uJabu wayesenyamalele futhi akukho amaphoyisa ayengakwenza ukuzama ukuthatha igazi lakhe ukuze liyohlolwa ukubona ukuthi wayphuzile yini.

“Cishe yikho lokhu okwamenza waqoma ukubaleka ukuze angangeni enkingeni uma kukhona okwakungalungile kuye,” kusho umthombo osondelene namaphoyisa aphenya leli cala.

Okhulumela amaphoyisa asekuRhuleni uKelebogile Thipa naye ucashunwe ekuqinisekisa ukuthi asevuliwe amacala.

Kodwa ummeli kaJabu uMarweshe ukuphikile lokhu, wathi abakezwa lutho ngokubekwa icala kwale nsephe.

Email: editor@impempe.com | Facebook: Impempe SA | Twitter: @impempe_com 

Leave a Reply

Your email address will not be published.