Amaphutha emuva alimaze iChiefs ibambana neStellies

ULeonardo Castro weKaizer Chiefs oshaye igoli bebhekene neStellenbosch
OKADONGA GUMBI
Bazokhala ngokubhacaza emuva bomabili, iKaizer Chiefs neStellenbosch FC, kulandela ukudlala ngokulingana umdlalo wabo weDStv Premiership, eFNB Stadium, eNasrec, uphela ngo 2-2.
Bazozibona belahle amaphuzu amabili kulo mdlalo oyedwa wabo obengawuwina kalula ukube babevala ngendlela emuva.
Ukuzimisela kweChiefs kusheshe kwacaca futhi kwale kancane isheshe ilinamathisele enethini ibhola njengoba ngomzuzu wesithathu uNkosingiphile Ngcobo ededele ishodi eqhelile kodwa ibhola lakhe lazishayisa epalini.
Amakhosi ‘ancishwe’ iphenathi ngomzuzu ka-14 kulandela ukuthi uLebogang Manyama ebukeke sengathi bamdlalise kabi esebhokisini. Nokho kubuye kwabonakala ukuthi unompempe uMichael Mosemeng ushaye emhloleni ngesinqumo sakhe sokungalikhombi emlotheni.
NeStellies beyinazo iziqubu lapho beyihlasela khona kucace ukuthi ayizele ukuzosinisa amahleza, njenganomzuzu ka-18 lapho uStanley Dimgba eshaye khona ingcwenga yebhola kodwa laceza kancane yize belibukeka selimhlulile uDaniel Akpeyi.
Isiwombe sesibili siqale ngegiya eliphezulu womabili amaqembu ebonakala efuna ukulishaya kuqala igoli. UJunior Mendieta uphoqe u-Akpeyi ukuthi akhiphe lonke ikhono lakhe ukuvimba ibhola abethi umudla ngalo ngomzuzu ka-49. NoSage Stephens uveze obakhe ubuqhawe ngomzuzu ka-56 evimba uHappy Mashiane obezama ukudabula ezitobheni zeStellies.
Kugcine kuyilungele iStellies ngomzuzu ka-72, uNathan Sinkala, egxuma ebadlula bonke wangqofa ibhola waliqabulisa inethi. Nokho Amakhosi asheshe alilungisa iphutha njengoba ngomzuzu ka-77 uReeve Frosler egobe elihle ibhola, lahlangana noLeonardo Castro, walingqofela enethini.
Emizuzwini emithathu ukusuka lapho, iStellies iphinde yahamba phambili, uPhathutshedzo Nange elingqofela phakathi ibhola ebeligotshwe nguDimgba. Amakhosi aphinde abuye alinganisa, uMashiane ekhuthuza izitobha zeStellies qede walibeka ngobuchule phambi kukaNgcobo ibhola, naye akangabe esananaza, walibeka enethini.
Ukudlala ngokulingana kweChiefs kuchaza ukuthi ayisuki endaweni yesishiyagalolunye ehleli kuyona kwi-log yePremiership. Ngempelasonto izobhekana neHoroya ekuhambeni emdlalweni weCAF Champions League okumele nakanjani iwuwine ukuze idlulele kuma-quarterfinal.
Email: editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.