AmaProteas abesifazane asethubeni lokuqopha umlando

USune Luus noMarizanne Kapp

 

Sihle Ndlovu

Iqembu lesizwe laseNingizimu Afrika lekhilikithi labesifazane, lishoda ngokushaya i-England kowandulela owamanqamu, bese liziqophela umlando ngokudlala okokuqala kowamanqamu weNdebe yoMhlaba.

IMomentum Proteas ifike kwiNdebe yoMhlaba yamangaza abaningi eNew Zealand. AmaProteas awine imidlalo emine yokuqala nokwenze ukuthi azibeke ethubeni elihle lokudlulela kweyandulela owamanqamu.

EzikaSune Luus, ukaputeni, sezike zayishaya i-England emidlalweni yamaqoqo nokuchaza ukuthi kumele ziphinde okufanayo kowandulela owamanqamu eHagley Oval, eChristchurch, ngoLwesine ngo-3 ezintathakusa.

“Kuzomele sizinikele ngakho konke kulo mdlalo owandulela owamanqamu. Sisebenze kanzima kakhulu ukufika lapho sikhona nokuzibeka ethubeni lokuwina iNdebe yomhlaba,” kusho uLuus.

“Selokhu sifikile kwiNdebe yoMhlaba sibhetha kahle kakhulu. Ngibona kuzofanele sithi ukuqinisa ekushwibeni ukuze konke kusihambele kahle.”

AmaProteas asashaywe yi-Australia kuphela emidlalweni yeNdebe yoMhlaba. Kulowo mdlalo yilapho kwahlala obala amaphutha amaniningi ikakhulukazi ngesikhathi sekushwiba iqembu lakuleli.

I-Australia ivele seyilinde kowamanqamu ngemuva kobhaxabula kabuhlungu iWest Indies ngama-run angu-157 ngoLwesithathu.

Ngo-2017 iNingizimu Afrika yashaywa yi-England kowandulela owamanqamu weNdebe yoMhlaba, kanti izozama ukukugwema lokho ngoLwesine.

Akungabazeki ukuthi i-England izombheka ngabomvu uMarizanne Kapp, ovuthayo ngokushwibi kanjalo nokubhetha kumaProteas. Lo mdlali uyena othathe amawikhethi amane ngesikhathi amaProteas eshaya amaNgisi kowamaqoqo.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.