AmaProteas abuye adlale sengathi aqale kwaMam’yang’chaza nje!

AmaProteas abuye adlale sengathi aqale kwaMam'yang'chaza nje!
UMaharaj wamaProteas
UMBONO
UBHALWE: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Iqembu laseNingizimu Afrika lesizwe lekhilikithi, amaProteas, lephulana inhliziyo ngendlela engihlulekayo ukuyichaza.

AmaProteas afana nomzali ophathela ingane uswidi, iwubone ijabule ngokwedlulele. Bese athi umzali ayiyogeza kuqala ukuze ijabulele uswidi wayo seyihleli phansi, isifudumele. Iyothi ibuya ukuyogeza ingane umzali
usewushobozele wawuqeda yena uswidi.

Nomake ake ngithi la maProteas ethu afana nengane ethandwayo ekhaya kodwa ehlale iphoxa nje.

Kwale noma seyitsheliwe ukuthi izothengelwa ibhayisikili uma iphasile kodwa yona ivele ifeyile, kucace nokuthi ibingasondele nakancane ekuphaseni.

Uyazi ngingawachaza ngezindlela eziningi ezihlukene amaProteas kodwa okubalulekile nje ukuthi ungafunga akufundela ukudumaza isizwe.

Ngiphoxeke kakhulu ngibuka umdlalo wosuku olulodwa phakathi kweqembu lakule neSri Lanka ngoLwesithathu.

Iqembu lakuleli lishwibe kuqala, layimpintshela ekhoneni iSri Lanka yagcina yenze ama-run angu-202 kuphela kuma-uver angu-50.

Lama run asuke efana nento engekho emdlalweni wosuku olulodwa (onama-over angu-50), ngoba uyakwazi
ukuwahlanganisa kudlalwa iT20 (enama-over angu-20 kuphela).

Zingenile ezangakithi madoda sezibhetha, zenza into engeke ngikwazi nokuyichaza ukuthi bekwenzekani.

Kuke kwaba nesikhathi lapho iNingizimu Afrika ibinama-run angu- 19 sekuphume abathathu ngemuva kwama-over amahlanu. Ngizibuzile ukuthi ngabe kanti sehlelwa yini.

Bengisabuza ubala ngoba baqhubekile nokushaya udaka abafana bakaMark Boucher kwaba wu-56 sekuphume abadlali abayisithupha ngemuva kwama-over angu-17.

Yilapho ke engivele ngabona khona ukuthi amaProteas ngeke awuwine lo mdlalo wesithathu obuzokwenza awine uchungechunge ngo 2-1.

Ashayiwe ngempela amaProteas futhi bekufanele. Abebhetha umbhedo wodwa, ispin yeSri Lanka iwadaka sengathi abadlali bebezigxishwe ngomqombothi ngaphambi kancane komdlalo.

Ngiyazi ukuthi iwikhethi yalaphaya beyenza ukuthanda kwayo ngoLwesithathu. Kodwa lokhu akwenzi ukuthi ngiwaxolele amaProteas ngoba asevamile ukushaya udaka uma ebhetha, noma kungathiwa benze kahle abashwibi.

Okungikhathaza kakhulu ukuthi iqembu libheke e-United Arab Emirates nase-Oman lapho liyodlala khona imidlalo yeNdebe yoMhlaba yeT20, ngenyanga ezayo.

Siyothi webani asabele kuphi uma sisabhetha umbhedo onje? Empeleni iqembu elizomela iNingizimu Afrika kwiNdebe yoMhlaba yeT20, limenyezelwe ngoLwesithathu.

FUNDA NALA: UBlom uthi yena akanankinga nokuthi udlaliswa kuphi kwiChiefs

Libukeka lilihle lona kodwa angazi noma ngibe nalo yini ithemba. Ayaphoxana amaProteas, awadlali kanjalo.

Eqoqweni lawo akulula neze njengoba kukhona i-England, ezihola phambili emaqenjini akleliswe yi-ICC kwiT20, ne-Australia, esendaweni yesithupha.

AmaProteas asendaweni yesihlanu wona, futhi ngiyazi kuzoba nzima ukudlala nala mazwe. Angivele ngisho nje ukuthi anginalo nelincane ithemba lokuthi amaProteas azohamba ibanga elide kulo mqhudelwano.

Kungcono kona ukuthi ngingethembi lutho kunokuthi ngibeke ithemba entweni engekho nhlobo.

Sekuyothi uma engimangaza ewina amaProteas ngijabule nabanye abayithandayo ikhilikithi njengami.

Okwamanje ngikhetha ukuthatha ithemba lami ngilibeke lapho liphephe khona. Ngeke ngize ngimelwe yinhliziyo ngenxa yamaProteas mina. Shwiii!!

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.