AmaProteas abuyise izinduku ebhaxa iBangladesh

Sihle Ndlovu

INingizimu Afrika izibuyise zishisa izinduku kwiBangladesh iyishaya ngamawikhethi ayisishisikhombisa emdlalweni wesibili wosuku olulodwa, eWanderers Stadium, eGoli, ngeSonto.

AmaProteas awalibonanga elidlalayo emdlalo wokuqala eSuperSport Park, eCenturion lapho eshaywe khona ngama-run angu-32.

IBangladesh iyona ewine ithosi yakhetha ukubhetha kuqala njengoba ngeSonto, yenzile emdlalweni wokuqala obuseCenturion. Nokho kulokhu kubukeka yenze iphutha elikhulu njengoba abashwibi baseNingizimu Afrika bebengafuni lutho ngeSonto.

Ilahlekelwe amawikhethi amathathu ngokushesha nokwenze ukuthi kungabi lula ukuqoqa ama-run. Bekubhoke kakhulu uKagiso Rabada ogcine ethathe amawikhehti amahlanu, abalulekile.

IBangladesh ibuye yaziqoqa yazama ukuqoqa ama-run, kwangaba yihlazo obekubukeka kuzoba yilona. Igcine yenze ama-run angu-194 kuma-over angu-50. Kudlale kahle uHossain Afif owenze ama-run angu-72, ngaphambi kokuthi akhishwe uRabada.

Iphendula iNingizima Afrika iqale kahle kakhulu uQuinton de Kock engalincengi ibhola. Uphume esehlanganise ama-run angu-62, nokwenze umsebenzi waba lula kubadlali abebelandela.

Abanye abadlali abadlale kahle uKyle Verreynne (58) nokaputeni uTemba Bavuma (37). AmaProteas awuphethe wonke umsebenzi nge-over ka-37.2. Ukuwina kwamaProteas kuchaza ukuthi sekungu 1-1 kule midlalo yosuku olulodwa emithathu.

Umdlalo wokugcina wosuku oluldwa uzokuba seCenturion ngoLwesithathu. Iqembu elizowina lapho yilona elizokhala lemuke nochungechunge lwemidlalo emithathu. Ngemuva kwalokho kuzobe sekudlala emibili yeTest.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.