AmaProteas agilekile kuhoxa uNortje

U-Anrich Nortje

 

UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

Umshwibi wamaProteas, u-Anrich Nortje, usehoxile emidlalweni emithathu yamaTest ewuchungechunge ezodlalwa elakuleli ne-India, ngenxa yokulimala.

Ngebhadi uNortje akakelulami ngokwanele ukuthi angashwiba emdlalweni onzima weTest, kanti uqashwe ngolokhozi odokotela ukuthi alulame kahle. Akekho umdlali ozofakwa endaweni yakhe kumaProteas.

Iqembu lakuleli lisemalungiselweni okugcina ngaphambi kweTest yokuqala elizoyidlala ngoDisemba 26 (ngoMgqibelo). AmaProteas azobe edlala imidlalo ewuchungechunge yamaTest okokuqala selokhu ewine ngo 2-0 eWest Indies ngoJulayi nonyaka.

Amaqembu azobe edlalela amaphuzu abalulekile kakhulu e-ICC World Championship. Njengamanje iCricket South Africa (CSA) yenza konke okusemandleni ukuthi imidlalo ingagcini ihlehlisiwe noma imisiwe, ngenxa yeCoronavirus.

Kulo nyaka iNingizimu Afrika bekumele idlale ne-Australia kuleli kodwa leli lizwe lagcina lingafikanga ngenxa yayo iCorona. INetherlands ifikile yadlala umdlalo waba munye wosuku olulodwa kodwa imidlalo yamiswa sekudlange iCorona eGauteng.

ICorona isadla lubi kuleli njengeba ngoMsombuluko bengu-8500 abatholakale naleli gciwane, kwathi abangu-105 badlula emhlabeni. Kuzobanjwa umoya ukuthi iqale le midlalo ize iphele kungekho badlali abazotholakala neCorona.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.