AmaProteas ahubuluze umsobho kwiBangladesh

AmaProteas ahubuluze umsobho kwiBangladesh
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

UKagiso Rabada no-Anrich Nortje bacabe indlela ngesikhathi iNingizimu Afrika ishaya iBangladesh ngamawikhethi ayisithupha emdlalweni weNdebe yoMhlaba yeT20, eSheikh Zayed Cricket Stadium ngoLwesibili.

Laba bashwibi bamaProteas bathathe amawikhethi amathathu emunye, nokuyinto eholele ekutheni iBangladesh iphume yonke isenze ama-run angu-84 kuphela.

INingizimu Afrika iyona ewine ithosi yakhetha ukushwiba kuqala.

IBangladesh ikuthole kunzima ukubeka ama-run ebhodini, kanti bekubhoke uRabada othathe amawikhethi amathathu kuma-over akhe amathathu okuqala.

Ngesikhathi kungena uNorjte uqhubeke lapho kugcine khona uRabada naye ethatha amawikhethi amathathu.

Kwi-innings yesibili bekulindeleke ukuthi amaProteas adlale ngokukhululeka ngoba abedinga ama-run angu-85 kuphela ukuze awine.

Nokho awaqalanga kahle njengoba kuphume uReeza Hendricks, Quinton de Kock no-Aiden Markram.

Ngesikhathi iBangladesh ibona ukuthi ayawa amawikhethi izamile ukucindezela.

URassie van der Dussen nokaputeni uTemba Bavuma, badlale kahle beqoqa ama-run abalulekile.

UVan der Dussen uphume eseshaye ama-run angu-22 kanti uBavuma uhlanganise angu-31.

Omunye umdlali odlale kahle uDe Kock owenze ama-run angu-16.

INingizimu Afrika iqede ngeBangladesh kwi-over ka-14 njengoba ibizama ukunyusa isibalo sayo sama-run.

Empeleni bekuyi-over ka-13.3 ngesikhathi abafana bakuleli besonga umsebenzi sebehlanganise ama-run angu-86.

Ukuwina kweNingizimu Afrika kusho ukuthi inamaphuzu ayisithupha endaweni yesibili kwilogi kaGroup 1.

FUNDA NALA: Abakhathazekile abaqeqeshi ngenkinga yonozinti kwiBucs

Eqhulwini kuhleli i-England ngamaphuzu ayisishiyagalombili, kanti amaProteas azobhekana nawo amaNgisi emdlalweni wokugcina wamaqoqo.

Ngemuva kwamaProteas kukhona i-Australia enamaphuzu amane.

Ama-Aussies azobhekana neBangladesh emdlalweni okumele awuwine nakanjani ukuze azibeke ethubeni lokudlulela phambili.

Njengamanje amaqembu asethubeni elihle lokudlulela phambili yi-England neNingizimu Afrika.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.