AmaProteas ajike umlando eshaya iWest Indies ekuhambeni

AmaProteas ajike umlando eshaya iWest Indies ekuhambeni
UKeshav Maharaj wamaProteas
UDABA: Thabiso Ngcobo
ISITHOMBE: Twitter

AmaProteas aqede ishobolo leminyaka emine enganqobi ekuhambeni ngesikhathi eguqisa iWest Indies ngama-runs angu-158 emidlalweni wesibili we-test ubuseDaren Sammy Cricket Stadium. Elakuleli lunqobe lolu chungechunge lwemidlalo emibili ngo 2-0.

Kowokuqala banqoba nge-innings nama-runs angu-63. EzikaMarc Boucher seloku zagcina ukunqoba ekuhambeni ngo-2017 ngesikhathi zishaya iNew Zealand ngo 1-0.

UBoucher bekungokokuqala enqoba ekuhambeni selokhu athatha izintambo zokucija amaProteas ngo-2019. Akugcinanga lapho kuphela kwazise noDean Elgar unqobe okokuqala kweyochungechunge yama-test esengukaputeni.

U-Elgar uthathe izintambo zokuhola iqembu kuQuntoin De Kock oqokwe njengomdlali ovelele kule midlalo emibili.

Okwenze uDe kock waqokwa njengomdlali ovelele kulolu chungechunge lwemidlalo emibili wukuthi ushaye ama-runs amaningi.

Leli nxele lishaye ama-runs angu-237 kuma-innings amane. Emdlalweni wokuqala ushaye ama-runs angu-141 kwathi kowesibili washaya angu-96. AmaProteas anqobe umdlalo wesibili kusasele usuku olulodwa njengoba ewugoqe ngosuku lwesine.

BUKA: uMaMKhize uthi ngeke avume ukuxhashazwa: https://bit.ly/3zKUjfk

UKeshav Maharaj ugile izimanga ngosuku lwesine ehlahlela amaProteas indlela ebheke empumelelweni. Lo mshwibi odabuka eThekwini uzifake amabhukwini omlando ethatha amawikhethi amathathu amabhola elandelana (hatrick) nge-over ka 37.

Ukhiphe uShai Hope, Jason Holder noJoshua Da Silva. Lokhu kwenze uMaharaj waba ngumdlali wokuqala selokhu elakuleli labuyiselwa emidlalweni yamazwe ngamazwe ngo-1992 ukuhlomula ngamawikhethi amathathu amabhola elandelana.

Umdlalo wokuqala ukuzuza into efana njengaleyo nguGeoff Griffin ngo-1960 ngesikhathi amaProteas ebhekene ne-England eLords. UMaharaj ugcine ehlabane ngamawikhethi amahlanu ngesikhathi amaProteas ekhipha iWest Indies yonke isiyenze ama-runs angu-165 kuma-overs angu-58.3.

Amanye amawikhethi athathwe nguRabada othole amathathu kwathi enye yatholwa nguLungi Ngidi.

Kwi-innings yokuqala iWest Indies iphume yonke isenze ama-runs angu-149. Ngakolunye uhlangothi, iNingizimu Afrika yenze ama-runs angu-298 kwathi kweyesibili yashaya angu-174.

URabada ugcine eqokwe njengomdlali oshaye into ecokeme kulandela ukuhlomula ngamawikhethi amahlanu nama-runs angu-65 kuma-innings amabili. Kule midlalo emibili, uRabada nguyena othathe amawikhethi amaningi (11).

La mazwe asezobhekana kuchungechunge lwemidlalo emihlanu yeT20. Owokuqala ungomgqibelo ngo 8 ebusuku eNational Cricket Stadium. Kulindeleke aqhubeke la egcine khona kweye-test amaProteas nakweye-T20.

EMAIL: Editor@impempe.com
TWITTER: @Thaabisow
FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *