AmaProteas akhale emuka nochungechunge eshaya i-India

UMignon du Preez wamaProteas oqokwe njengomdlali ovelele bebhekene ne-India eLucknow

SIHLE NDLOVU

INingizimu Afrika iwine uchungechunge lwemidlalo yosuku olulodwa emihlanu eludlala ne-India ngemuva kokuyishaya ngamawikhethi ayisikhombisa emdlalweni wesine e-Ekana International Cricket Stadium, eLucknow, e-India, ngeSonto.

Ngokuwina umdlalo wangeSonto amaProteas asehamba phambili ngo 3-1 kulolu chungechunge lwemidlalo, nokuchaza i-India ngeke isayidlula noma ingawuwina umdlalo wokugcina ngoLwesithathu. Kuyinto enkulu kakhulu ukuthi amaProteas awine uchungechunge lwemidlalo ekuhambeni ikakhulukazi ebhekene nezwe elihlonishwayo kulo mdlalo i-India.

Kube ukudlala kahle kukaLizelle Lee, oshaye ama-run angu-69, uLaura Wolvaardt, ophume esenze ama-run angu-53, uMignon du Preez, owenze angu-61 noLara Goodall ohlanganise ama-run angu-59 engaphumanga, okuwelise ngelibanzi amaProteas. Laba badlali baseNingizimu Afrika badlale kahle khulu benengcindezi enkulu kulandela ukuthi i-India ibeke ama-run obekubukeka kunzima ukuwafica ebhodini. Nokho iqembu lekuleli likwenze kwalula ukuhlanganisa ama-run angu-269 kusawe amawikhethi amathathu kuphela.

I-India iyona ebhethe kuqala kulo mdlalo yahlanganisa ama-run angu-266. Kubukeke kuzoba umqansa impela ukuthi amaProteas awine lo mdlalo wesithathu ngoba abengakaze afice ama-run angaka uma kuyiwona abhetha endaweni yesibili ukuze awine. Kwi-India bekubhoke uRaut Sharma kwi-innings yokuqala oshaye ama-run angu-104 engaphumanga. Ulekelelwe uHarmanpreet, oshaye ama-run angu-54 noMithali, ukaputeni we-India, ohlanganise ama-run angu-45.

Ngasohlangothini lweNingizimu Afrika nguTumi Sikhukhune ozamile ngesikhathi kubhetha i-India njengoba ethathe amawikhethi amabili yize engenelwe ama-run angu-63. UDu Preez ube ngumdlali wosuku ngokushaya kwakhe ama-run angu-61 kulo mdlalo.

Emdlalweni wokugcina wosuku olulodwa ngoLwesithathu, amaProteas angase anike ithuba abadlali abebengakadlali njengoba esevele eluwinile uchungechunge lwemidlalo emihlanu. Ngemuva kwalo mdlalo kuzobe sekudlalwa eyeT20 khona eLucknow.

 

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.