AmaProteas alahlisa ithemba ngeNdebe yoMhlaba yeT20

 

Ukushaya udaka kweqembu lesizwe lekhilikithi laseNingizimu Afrika, kushayisa amakhala ngokuzokweka kulona ngesikhathi seNdebe yoMhlaba.

AmaProteas adlale ngendlela eshayisa amahloni ngesikhathi ebhekene ne-India emdlalweni wokugcina wosuku olulodwa, e-Arun Jaitely Stadium, eDelhi, ngoLwesibili. Iqembu lakuleli libhethe kuqala ngemuva kokuthi i-India iwine ithosi yase ikhetha ukushwiba kuqala.

EzikaMark Boucher zihluleke zancama ukubhetha zagcina zikwaze ukuhlanganisa ama-run angu-99 kuma over angu 27.1. AmaProteas bese kungokwesibili ebhekana naleli hlazo emlandweni njengoba ake aphuma wonke esenze ama-run angu-88 ebhekene ne-England ngo-2012.

Okushiya imibizo eminingi ukuthi iqembu lakuleli lizofika kwiNdebe yoMhlaba yeT20 linakho yini ukuzethemba ima lishaya idaka olunje.

Ukushaywa yi-India ngamawikhethi ayisikhombisa kwenze iwine uchuchunge lwemidlalo emithathu ngo 2-1. Emdlalweni wangoLwesibili akekho umdlali wamaProteas owenze ama-run angu-nokuyinto okumele imkhathaze uBoucher.

INdebe yoMhlaba yeT20 ise-Australia kusukela ngo-Okthoba 16 kuze kube uNovemba 13. UBoucher uzozikeba phansi izintambo ngemuva kweNdebe yoMhlaba njengoba eseyoqeqesha iMumbai Indians kwi-Indian Premier League.

Sdina Ngubo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *