AmaProteas anethuba lokuqinisa amabhawodi axegayo eColombo

AmaProteas anethuba lokuqinisa amabhawodi axegayo eColombo
UTemba Bavuma no-Aiden Markram
UDABA: Thabiso Ngcobo
ISITHOMBE: Twitter

AmaProteas azothola ithuba lokuqinisa amabhawodi axegayo ngoLwesihlanu emdlalweni wokuqala wemithathu yochungechunge lweT20 ezoyidlala neSri Lanka eColombo.

Imimoya iphansi kwiNingizimu Afrika kulandela ukubhinciselwa nxaye yiyo iSri Lanka eyishaye ngo 2-1 kweyochungechunge losuku olulodwa.

Womabili lamaqembu alungiselela iNdebe yoMhlaba yeT20 ekulindeleke ukuthi iqale ngo-Okthoba 17 e-United Arab Emirates (UAE).

EzikaMark Boucher zizobeka amathemba kubadlali ababhethayo o-Aiden Markram noDavid Miller ukuba bashaye into ecokeme njengoba sebeke benza ngaphambili emidlalweni yeT20.

Kubashwibi wonke amehlo azobe ethe njo kuTabraiz Shamsi njengoba engumdlali ohamba phambili emidlalweni yeT20 kulandela ukuwisa amawikhethi angu-24 kulo nyaka.

FUNDA NALA: IRoyal AM izokhohlwa yizinsizi zemibhede uma seyibhekene neChilli Boys

ISri Lanka izobe ibheke ukuqhubeka nomgqigqo wayo omuhle owenze yaguqisa iNingizimu Afrika ezinsukwini ezidlule.

Ithemba bazolibeka kubadlali abafana noDushmantha Chameera noCharish Asalanka, bobabili abenze kahle emidlalweni yosuku olulodwa.

Umdlalo wokuqala uzokuba senkundleni yaseR. Premadasa eColombo kanti uqala ngo-4.30 ntambama.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.