AmaProteas angase athembele kuDe Kock kowokugcina nePakistan

UQuinton de Kock wamaProteas

SIHLE NDLOVU

UQuinton de Kock angase abe wukhiye weNingizimu Afrika emdlalweni wokugcina wosuku olulodwa ezowudlala nePakistan, eSuperSport Park, eCenturion, ngoLwesithathu ngo-10 ekuseni.

Lo mdlalo kulindeleke ukuthi ushube kakhulu njengoba kuyiwona ozocacisa ukuthi uchungechunge lwemidlalo emithathu yosuku olulodwa luzothathwa yiliphi iqembu. Ziya kulo mdlalo nje zibambene ngo 1-1 ngemuva kwemidlalo emibili.

Umdlalo wokuqala ngo-Ephreli 2 ubushube kakhulu njengoba kuze kwaba yibhola lokugcina, elishwitshwe ngu-Andile Phehlukwayo, elicacise ngomphumela womdlalo. Kugcine kuwine iPakistan ngamawikhethi amathathu.

Emdlalweni wesibili eWanderers Stadium, eGoli, kugqame ukushaya into ecokeme kukaFakhar Zaman omincise amaProteas ngokushaya ama-run angu-192. Lo mdlalo uwinwe yiNingizimu Afrika ngama-run angu-17.

Kuwona lo mdlalo kubonakale ukwenza kahle kukaQuinton de Kock okwaziwayo ukuthi uyakwazi ukuwinela iqembu umdlalo uma esefomini. Lo mdlali udlale kahle kakhulu ephuma esenze ama-run angu-80.

Akungabazeki ukuthi uDe Kock no-Aiden Markram kuzodingeka benze kahle phambili uma amaProteas ezimisele ngokuwina, ikakhulukazi uma ephinde engayiwini ithosi bese iPakistan ithi awabhethe kuqala. Okuhlalukile emidlalweni emibili yokuqala ukuthi iPakistan ithanda ukushwiba kuqala ukuze ifake ingcindezi kubadlali baseNingizimu Afrika ababhethayo.

Ukaputeni wamaProteas, uTemba Bavuma , akakabi nayo inhlanhla yokuwina ithosi bese azikhethele ukuthi yikuphi afuna ukukwenza (phakathi kokushwiba nokubhetha). Naye uBavuma wenze kahle kakhulu emdlalweni wesibili eshaya ama-run angu-92.

Omunye umdlali okungangabazeki ukuthi uzobe ebhekiwe, ngu-Anrich Nortje, osevele unamawikhethi ayisikhombisa kule midlalo yosuku olulodwa. UNortje ubukeka engcono kunabo bonke abadlali abashwibayo bamaProteas kulolu chungechunge lwemidlalo. UBavuma uphephela kuyena njalo uma esebona ukuthi umdlalo uyaphuma esandleni.

Ngemuva komdlalo wangoLwesithathu kuzobe sekuqala imidlalo yeT20. Umdlalo wokuqala ungoMgqibelo eWanderers Stadium, ngo-2.30 ntambama.

 

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.