AmaProteas aqede ishobolo leminyaka eshaya i-England kweyoMhlaba

UMarizanne Kapp
Sihle Ndlovu

UMarizanne Kapp ube yiqhawe lamaProteas esifazane, ngesikhathi ethatha amawikhethi amahlanu beshaya i-England ngamawikhethi amathathu emdlalweni weNdebe yoMhlaba, ngoMsombuluko.

Kulo mdlalo obuyseBay Oval, eTauranga, eNew Zealand, iNingizimu Afrika impintshele i-England ekhoneni ngemuva kokuwina ithosi yakhetha ukushwiba kuqala.

Ukuwina kwamaProteas kuchaza ukuthi aqede ishobolo leminyaka engu-20 yonke engakaze eshaye i-England kwiNdebe yoMhlaba. Ngakolunye uhlangothi i-England, okuyiyona evikela iNdebe yoMhlaba, ibiqala ukushaywa imidlalo emithathu ilandelana kulo mqhudelwano.

UKapp ubeyiphela endlebeni kubadlali base-England egcine ikwaze ukuhlanganisa ama-run angu-235 kuma-over angu-50. Akagcinanga lapho uKapp, njengoba ephinde wenza ama-run angu-32 sekubhetha iNingizimu Afrika.

Akumangazanga ukuthi uKapp aqokwe njengomdlali oshaye into ecokeme kunabo bonke kulo mdlalo.

Iphendula iNingizimu Afrika yenze kahle kakhulu kuma-over okuqala. Kudlale kahle uLaura Wolvaardt, ophume esenze ama-run angu-77. Omunye umdlali owenze kahle ukaputeni uSune Luus ohlanganise ama-run angu-36.

INingizimu Afrika seyiwine imidlalo emithathu ilandelana kwiNdebe yoMhlaba nokuchaza ukuthi izinto zisahamba kahle okwamanje.

editor@impempe.com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.