UDABA: Thabiso Ngcobo
ISITHOMBE: Twitter
Iqembu lesizwe lakuleli lekhilikithi, amaProteas lizobe libheke ukuqhubeka lapho ligcine khona neWest Indies ayishaye emidlalweni ye-test muva nje. Kuzothi ngoMgqibelo ngo-8 ebusuku kuqale imidlalo yeT20 yezinsuku ezinhlanu eDaren Sammy Cricket Stadium.
EzikaMarc Boucher ziza kulo mdlalo izinto zihamba kahle ekhempini kulandela ukuthela othuluni iWest Indies emidlalweni ewuchungechunge emibili ngo 2-0.
Elakuleli ligcwele ukuzethemba kulandela ukubuya komholi weqembu, uTemba Bavuma ngemumva kokuhlushwa ukulimala. Ugcine ephuthwa yimidlalo yama-test ngesikhathi iNingizimu Afrika imihluza iWest Indies.
UBavuma kuzobe kungokokuqala ehola leli qembu ngemuva kokuqokwa njengokaputeni.Kubhekwe ukuthi alandele ezinyathelweni zikaDean Elgar onqobe okokuqala njengokaputeni kweyochungechunge lwama-test.
Nokho ngeke kuze kube lula kwazise iWest Indies izobe ibophele izingwazi zayo okukhona kuzo uChris Gayle, Andre Russel, Dwayne Bravo, Kieron Pollard noNicholas Pooran.
FUNDA NALA: Sayivulela isahluko ebingasazi ngathi iWydad, kusho oweChiefs
Lolu chungechunge lubalulekile kuwona womabili lamaqembu njengoba elusebenzisa ukwenza amalungiselelo eNdebe yoMhlaba yeT20 ezoba se-India ngasekupheleni konyaka. AmaProteas abheke ukuqeda isomiso seminyaka engu-29 engayinqobi iNdebe yoMhlaba.