AmaProteas asehlele uhambo oluya e-Ireland

Graeme Smith

SIHLE NDLOVU

Ukubhuntsha kohambo lwe-Australia oluza eNingizimu Afrika kuphoqe iCricket South Africa (CSA) ukuthi ihlele uhambo lwamaProteas oluqonde e-Ireland ngoJulayi.

I-Australian Cricket inqume ukuthi iqembu layo ngeke liseza eNingizimu Afrika ngoba isabela ukubheduka kabusha kweCoronavirus kuleli. Lesi yisinqumo esiyiphazamise kakhulu iCSA njengoba ibihlele konke ngokuthi amaProteas azobhekana ne-Australia kuleli ngenyanga ezayo ngemuva kohambo lwasePakistan.

EPakistan akuhambanga kahle neze kumaProteas njengoba eshaywe ngo 2-0 emidlalweni yamaTest, ase eshaywa ngo 2-1 kweyeT20. Ukudlalela ekhaya ne-Australia, bekuzonika amaProteas ithuba lokuvuka azithathe njengoba kuneNdebe yoMhlaba yeT20 kulo nyaka.

AmaProteas azodlala imidlalo yosuku olulodwa emithathu neyeT20 emithathu ne-Ireland ngoJulayi. Le midlalo izodlalwa phakathi kukaJulayi 11 noJulayi 25.

UGraeme Smith ongumqondisi weCSA uthe le midlalo bayihlele ngoba behlonipha ukudlondlobala kwe-Ireland kwezekhilikithi yomhlaba.

“I-Ireland isikhombise ukukhula okukhulu kwezekhilikithi kule minyaka edlule. Ukuyodlala khona kuzonika abadlali bethu ithuba lokudlala ikhilikithi yomhlaba kulesi simo esingajwayelekile (seCorona). Ngakho sikubheke ngabomvu ukuyodlala le midlalo,” kusho uSmith.

USmith akakufihli ukuthi simphoxile isinqumo se-Australia sokuhoxisa uhambo oluza eNingizimu Afrika.

AmaProteas agcina ukuvakashela i-Ireland eyodlala umdlalo owodwa kuphela wosuku olulodwa ngo-2007 eBelfast.

Imidlalo imi kanje:

NgoJulayi 11: Owokuqala wosuku olulodwa eMalahide

NgoJulayi 13: Owesibili wosuku olulodwa eMalahide

NgoJulayi 16: Owesithathu wosuku olulodwa eMalahide

NgoJuylayi 20: YiT20 yokuqala eMalahide

NgoJulayi 22: YiT20 yesibili eStormont

NgoJulayi 25: YiT20 yesithathu eStormont

Email Editor@impempe.com – Twitter: @impempe_com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published.