AmaProteas athole induku okokuqala kwiNdebe yoMhlaba

UMeg Lanning

 

Sihle Ndlovu

Kugqame inqwaba yamaphutha ngesikhathi amaProteas abesifazane eshaywa yi-Australia ngamawikhethi amahlanu, emdlalweni weNdebe yoMhlaba eCello Basin Reserve, eWellington, ngoLwesibili.

Amaphutha agqame kakhulu ngesikhathi sekushwiba iNingizimu Afrika, ehluleke yancama ukukhipha ukaputeni, uMeg Lanning, okunguyena oyigilile eshaya ama-run angu-135 engaphumanga, kwi-innings yesibili.

Kuze kwaba kathathu abadlali bakuleli behluleka ukunqaka ibhola ukuze aphume uLanning, obengalidlalisi ibhola. Uqale wadedelwa uLizelle Lee, kwalandela uLara Goodall, kwase kugcina uTrisha Chetty. Esewonke amabhola abehluleke ukuwanqaka mahlanu.

Ngaphandle kwalokho amaProteas abezivuzela nje enkundleni, kudlula namabhola obekungafanele adlule. Akwaziwa ukuthi lokhu bekuhlangene nokwesaba i-Australia yini, njengoba iqembu lakuleli lingakaze liyishaye emidlalweni engu-14 yosuku olulodwa, kubalwa nowangoLwesibili.

I-Australia iwine ithosi yakhetha ukushwiba kuqala kulo mdlalo. AmaProteas akwaze ukuhlanganisa ama-run angu-271, lapho kudlale khona kahle uLaura Wolvaardt, owenze ama-run angu-90, Sune Luus (52) noLee (36).

Kube sekungena i-Australia, wazenzela umathanda uLanning ngenxa yokungenzi kahle kwabadlali bakuleli. Abashwibi bakuleli abathenjiwe u-Ayabonga Khaka noMarizanne Kapp, bahluleke bancama ukuthatha amawikhethi.

Kuzame uShabnim Ismail othathe amabili kodwa isikhathi esiningi bekushwiba yena ngesikhathi abadlali bamaProteas behluleka ukunqaka amabhola, ukuze bathole amawikhethi.

Beyiqala ukushaywa iNingizimu Afrika emidlalweni emihlanu yeNdebe yoMhlaba eseNew Zealand. Sekuzomele ivuke izithathe uma isibhekene neWest Indies emdlalweni okumele iwiwune ngoLwesine.

I-Australia yilona lodwa iqembu elingashaywa kanti izovala imidlalo yamaphuzu ngokubhekana neBangladesh ngoLwesihlanu.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.