AmaProteas ayaqhubeka nokudedela isibhaxu kwiNdebe yoMhlaba

U-Ayabonga Khaka
Sihle Ndlovu

INingizimu Afrika izibeke ethubeni elihle lokudlulela phambili kwiNdebe yoMhlaba ngemuva kokushaya iNew Zealand ngamawikhethi amabili, eSeddon Park, eHammilton, ngoLwesine.

AmaProteas awayazi induku kwiNdebe yoMhlaba njengoba esewine imidlalo emine ilandelana, nokuwenza ahlale endaweni yesibili kwilogi.

INew Zealand iyona ewine ithosi yakhetha ukubhetha kuqala. Kubukeke sengathi yenze iphutha indlela abashwibi baseNingizimu Afrika abebeyicindezele ngayo.

Kuma-over okuqala ayishumi bekushwiba uShabnim Ismail noMarizzane Kapp, abebengayiniki lutho iWhite Ferns. U-Ismail ugcine ethathe amawikhethi amathathu, kwathi uKapp wathatha amabili.

Ngasohlangothini lweWhite Ferns kudlale kahle uSophie Devine, obelishaya kakhulu ibhola. Nokho ugcine ekhishwe ngu-Ayabonga Khaka esehlanganise ama-ru angu-93. INew Zealand igcine yenze ama-run angu-228 kuma-over angu-47.5.

UKhaka ushwibe kahle kakhulu kulo mdlalo njengoba ethathe amawikhethi amathathu. Njengamanje lo mdlali unamawikhethi ayishumi kwiNdebe yoMhlaba benoKapp.

Ephendula amaProteas awazifakelanga nencane ingcindezi yize esheshe alahlekelwa yiwikhethi ebalulekile kaLizelle Lee, ophume enama-run angu-17.

Kudlale kahle uLaura Wolvaardt , ophume esena-67, nokaputeni uSune’ Luus, owenze ama-run angu-51. Ngu-Amelia Kerr oshwibe kahle kwiNew Zealand ethatha amawikhethi amathathu abalulekile.

Ekugcineni kuphinde kwaba uKapp, obesebhetha noKhaka, owinise amaProteas ngama-run akhe abaluleke kakhulu angu-34. Uphinde waqokwa njengomdlali oshaye into ecokeme kulo mdlalo.

INingizimu Afrika isalelwe ukubhekana ne-England, India neWest Indies, emidlalweni emithathu yokugcina.

AmaProteas abeqala ngqa ukushaya iNew Zealand emdlalweni weNdebe yoMhlaba. Ngaphambi komdlalo wangoLwesine abesehlulwe kathathu yiWhite Ferns.

editor@impempe.com

 

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *