AmaProteas ayivalelise ngesibhaxu i-India emidlalweni yosuku olulodwa

Abadlali bamaProteas bejabula ngemuva kokuthatha iwikhethi bebhekene ne-India

SIHLE NDLOVU

INingizimu Afrika iyisonge ngegiya eliphezulu imidlalo yosuku olulodwa ebeyidlala ne-India, kulandela ukuwina ngamawikhethi amahlanu emdlalweni wesihlanu e-Ekana International Cricket Stadium, eLucknow, e-India, ngoLwesithathu.

Ukuwina lo mdlalo kwamaProteas kuchaza ukuthi awine uchungechunge lwemidlalo yosuku olulodwa ngo 4-1. Emdlalweni wokuqala kwawina amaProteas ngamawikhethi ayisishiyagalombili, kwathi kowesibili kwawina i-India ngamawikhethi ayisishiyagalolunye. Kwabe igcinileke ukuthi wina i-India ngalowo mdlalo njengoba bese kuyiNingizimu Afrika ebizidlela amahlanga.

Emdlalweni wesithathu kuwine amaProteas ngama-run ayisithupha kwathi kowesine awina ngamawikhethi ayisikhombisa. Ukuwina kahle kanje kweqembu lakuleli kusho ukuthi likhula ngesivinini esihle kakhulu kwezekhilikithi emhlabeni.

Emdlalweni wangoLwesithathi yi-India ebhethe kuqala yenza ama-run angu-188 kuphela. Ukaputeni we-India uMithali Raj wenze ama-run angu-79, kwathi uHarmanpreet wamlekelela ngamawu 30. Ngasohlangothini lweNingizimu Afrika uNadine de Klerk uthathe amawikhethi amathathu, uTumi Sekhukhune wathatha amabili kanjalo noNondumiso Shangase.

Iphendula iNingizimu Afrika ayiqalanga neze kahle kuwa amawikhethi amabili ngokushesha, nokuyinto enike i-India ithemba. Nokho ibuye yaziqoqa yabhetha kahle ikakhulukazi ngemuva kwama-over ayishumi. UMignon du Preez wenze ama-run angu-57 kwathi u-Anneke Bosch wahlanganisa angu-58. UMarizanne Kapp wenze ama-run angu-36 engaphumangama.

Umdlali wosuku izolo kube uBosch ngokushaya kwakhe ama-run angu-58. Umdlali wochungechunge lwemidlalo yosuku olulodwa kube uLiezelle Lee oqede imidlalo ehlanganise ama-run angu-288 yize engadlalanga emdlalweni wokugcina.

AmaProteas asezobheka ukuthi enze kahle emidlalweni emithathu yeT20 azoyidlala nayo i-India. Le midlalo iqala ngoMgqibelo ize isongwe ngoMashi 23.

Email: editor@impempe.com

Twitter: @impempe_com

Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.