AmaProteas azidlele amahlanga kwiSri Lanka kwiTest yokuqala eCenturion

Sihle Ndlovu

INingizimu Afrika iqede ngeSri Lanka osukwini lwesine kwiTest yokuqala iyinenebula nge-innings nama-run angu-45, eSuperSport Park, eCenturion, ngoLwesibili ntambama.

Kube ukushwiba kahle kukaLungi Ngidi, Anrich Nortje, Lutho Sipamla noWiaan Mulder, okuqinisekise ukuthi amaProteas ayaphumelela. Laba bashwibi bathathe amawikhethi amabili emunye. UDe Silva weSri Lanka akabhethanga kulo mdlalo ngenxa yokulimala.

ISri Lanka iyona ebhethe kuqala kusukela ngoMgqibelo yenza ama-run angu-396 seyiphume yonke. Lokhu kubukeke njengomqansa kumaProteas kodwa ngosuku lwesibili nolwesithathu iqembu lakuleli libhethe kahle kakhulu. Lenze ama-run angu-621. Kwi-innings yesibili iSri Lanka ikwaze ukuhlanganisa ama-run angu-180, yakhishwa yonke, awina amaProteas.

Umdlali wamaProteas obhethe kahle kakhulu uFaf du Plessis ophume esehlanganise ama-run angu-199. UDu Plessis bekubhekeke ukuthi athole u-200 wakhe wokuqala emidlalweni yeTest kodwa waphuma eseshoda nge-run eyodwa kuphela ukuthi akufeze lokho.

Ukuwina kwamaProteas kuchaza ukuthi asehamba phambili ngo 1-0 ochungechungeni lwemidlalo emibili yeTest. Bekungokokuqala uMark Boucher ewina umdlalo weTest namaProteas selokhu ethathe izintambo njengomqeqeshi.

Umdlalo wesibili weTest uzoqala ngoJanuwari 3 eNew Wanderers Stadium, eGoli. Kulo mdlalo kuzobe sekubuye uKagiso Rabada obelimele, kanti akwaziwa ukuthi yimuphi umshwibi ozoshiywa ngaphandle njengoba benze kahle bonke abadlali kwiTest yokuqala eCenturion.

Ukaputeni wamaProteas uQuinton de Kock, uthe: “Ngosuku lokuqala asishwibanga kahle kodwa bavuke bazithatha abashwibi. Nendlela esibhethe ngayo ibe yinhle kakhulu ngosuku lwesibili nolwesithathu. Indlela esishwibe ngayo namuhla (ngoLwsibili) ibe yinhle kakhulu.”

UDu Plessis uqokwe njengomdlali ovelele kulo mdlalo ngenxa yokubhetha kwakhe kahle.