AmaProteas kuzomele abhukule kwiTest yesibili ePakistan

ULungi Ngidi wamaProteas kuzobhekwa ukuthi enze kahle ngebhola uma sebebhekene nePakistan

SIHLE NDLOVU

INingizimu Afrika kuzofanele icwecwe indlela ebhetha ngayo uma isibhekene nePakistan kwiTest yesibili eqala ngoLwesine ngo-7 ekuseni, eRawalpindi Cricket Stadium.

AmaProteas ashaye into ephansi kakhulu kwiTest yokuqala lapho eshaywe khona ngamawikhethi ayisikhombisa eNational Stadium. Indlela elibhethe ngayo iqembu ngayo iqembu lakuleli ayinabhitheki neze.

Umdlali owenze kangcono kwi-innings yokuqala kube nguDean Elgar oshaye ama-run angu-58. Kweyesibili yamaProteas umdlali odlale kahle ngu-Aiden Markhram owenze ama-run angu-74. Lokhu bekunganele nakancane kanti yikho futhi okuholele ekutheni iqembu lakuleli lishaywe.

NgoLwesine abadlali ababhetha phezulu kumaProteas kumele babhukule ikakhulukazi uma bengawina ithosi bakhethe ukubhetha kuqala. Ngaphandle kwabadlali ababhethayo bamaProteas abashwibi babukeka bengenayo nencane inkinga.

Akulindelekile ukuthi uMark Boucher (umqeqeshi) noQuinton de Kock (ukaputeni) babashintshe oLungi Ngidi, Kagiso Rabada, Keshav Maharaj no-Anrich Nortje. AmaProteas kumele awuwine nakanjani umdlalo oqala ngoLwesine ukuze uchungechunge lwemidlalo yamaTest luphele ngo 1-1.

Khonamanjalo iDolphins izodlala umdlalo wamanqamu obalulekile weMomentum One-Day Cup, lapho izobhekana neLions ePotfechstroom ngoLwesine ngo-10 ekuseni.

Kuzobe kubanjwe umoya ukuthi isimo sezulu singawuphazamisi umdlalo. Uma kwenzeka izulu lina bese kugcina kungadlalwanga, indebe izokhala yemuke neqembu laseThekwini (iDolphins) ngoba yilona elidlale kahle ngesikhathi semidlalo yamaphuzu.

sihle@impempe.com

@NtwanaSihle

Leave a Reply

Your email address will not be published.