Amawele asemancane agile izimanga kwiMangosuthu Marathon

Kusemnyama ebusweni benkawu kumawele akwaDladla angabagijimi abasebancane oSamukelisiwe noNikeziwe baseMsinga
USinikeziwe noSamukelisiwe Dladla
UDABA: Alfred Ngubane
ISITHOMBE: Alfred Ngubane

Kuthambise izinhliziyo kwaphinde kwafikisela ngezinyembezi kwabanye ukubona amaqele aneminyaka engu-13 abegijima engafakile ngisho amateki engena kubagijimi bokuqala abayishumi.

Lezi zingane zamantombazane ezisencane saseMachunini eMsinga zishiye abaningi nemeziwa ehlukene ngale mpumelelo yazo.

Abanye bebezincoma bezijabulela, abanye bavele bagajwa wusizi lwazo lokuthi zingaze zigijime amakhilomitha ayishumi wonke ngonyawo.

OSinikeziwe noSamukelisiwe Dladla bagile izimanga kwiPrince Mangosuthu Ultra Marathon ngeSonto ekuseni.

Lo mjaho obunedumela elikhulu usukele eNquthu waphelela eDundee kanti ugijinywa minyaka yonke.

OMaDladla abancane bazakhele udumo njengoba bebebanga nezinsepghe kulo mjaho okubalwa kuzo uThobile Mkhize.

Exoxa neMpempe, uSinikeziwe uthi obafake ugqozi lokusubatha nguthisha wabo nobuye abe ngumqeqeshi wabo uSabelo Zondi weMsinga Athletics Club.

Bathi bebelokhu bebona amawele aseRussia o-Elena no-Olesya Nurgalieva ezenzela enqoba iComrades Marathon ephindelela.

Bazibona nabo bengawuqopha owabo umlando kuleli. Isifisosabo esikhulu wukumela iNingizimu Afrika kuma-Olympics.

“Sigijima ngoba siyakuthanda. Ukubona lawa mawele aseRussia yikho okwasifaka uthando lokuthi nathi nansi into esingayenza ndawonye,” kusho uSinikeziwe.

IMeya yaseMsinga uB.P. Ngcobo ibabaze ikhono lala mawele ngenkathi ekhuluma neMpempe ngemuva kwalo mjaho.

FUNDA NALA: Kubaselene inhlansi yethemba kuwina iBafana idlala nakahle

“Ngihlabeke umxhwele amawele ngendlela agijime ngayo. Singumkhandlu waseMsinga sizoqinisekisa ukuthi siyabanakekela ngendlela efanele.

“Kumele bathole izinsiza zokugijima futhi baxhaseke ukuze noma ngabe bafuna ukuyogijima kude bakwazi ukuya,” kusho uNgcobo.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.