AmaZulu acathamela uMonare, angase abolekwe nabanye yiPirates

AmaZulu acathamela uMonare, angase abolekwe nabanye yiPirates
UThabang Monare
Alfred Ngubane

AmaZulu FC asebheke ukufasa amabhawodi okugcina ngoThabang Monare osanda kuchithwa yi-Orlando Pirates.

Impempe ithole ukuthi Usuthu selibonile ukuthi luyamdinag umdlali onamava esiswini ozosiza nabafana abancane olubasayinile.

Ngesikhathi ededelwa yiPirates bekungalindele muntu kanti AmaZulu asegxume ahlala izithonto ezama ukumnxenxa ukuba ajoyine wona.

“Kungenzeka abe nmunye wabadlali bokugcina Usuthu oluzobasayina bese kuvalwa incwadi yesheke kubonakale ukuthi iqembu lenza njani uma sekuqala isizini.

“Izingxoxo kuzomele zisheshe ngoba iqembu libuyela ejimini ngoMsombuluko kanti isifiso wukuthi laba abasuka kude baqale ukufika ngoLwesihlanu,” kusho umthombo weMpempe.

FUNDA NALA: IJomo Cosmos isifake icala kwiPSL elingase liyephule ehlathinini

AmaZulu asevele asayine abadlali abayisishiyagalombili kanti sekuseduze nokuthi luphothule izingxoxo neMarumo Gallants ngoNdabayithethwa Ndlondlo.

Kubadlali abazobe bedlala oSuthwini okokuqala ngesizini ezayo singabala oGabadinho Mhango no-Ethan Brooks.

Sesingakuveza ukuthi Usuthu kusangenzeka luphinde luthole noyedwa phakathi kukaTebogo Thlolane noBongani Sam kwiPirates ngokwebolekwa.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.