AmaZulu acathamela umqeqeshi weSundowns

AmaZulu acathamela umqeqeshi weSundowns
UManqoba Mngqithi, RUlani Mokwena noSteve Komphela
Alfred Ngubane 

AmaZulu FC achathamela usomaqhinga weMamelodi Sundowns uSteve “Mphathi” Komphela.

Ngokuthola kweMpempe ngomthombo wayo osondelene naleli qembu, izikhulu zibona ukuthi lo mqeqeshi angafika alibeke ezingeni eliphezulu.

Usuthu lufuna ukunqoba izindebe lubuyele nawkiCaf Champions League. Kuthiwa lo mqeqeshi igama lakhe lisematheni kumengameli woSuthu uSandile Zungu okuthiwa uyazifela ngaye.

“Iqembu lithole iqwaba yezicelo zomsebenzi kubaqeqeshi abehlukene ngisho abangaphandle kwelakuleli.

“Kodwa igama elihamba phambili elikaSteve ngoba umengameli uyakholelwa kuye ukuthi angalisiza kakhulu iqembu ukuya phambili.

“Angazi ke noma wuye ofake isicelo somsebenzi noma yibo abazomsukela bamshele ukuze avume ukusuka kwiSundowns,” kusho lo mthombo.

Khonamanjalo, kuvela ukuthi uKomphela naye uzolamukela leli thuba uma elinikwa ngoba uvele naye uyahalela ukupheka leli qembu.

Kuzokhumbuleka ukuthi ukuthi leli qembu lisanda kuhlukana noBenni MacCarthy obengumqeqeshi walo.

Njengamanje AmaZulu anomqeqeshi osabambile kuze kuphele isizini uBrendon Truter. UKomphela kuthiwa lolu daba selifikile ezindlebeni zakhe nakubaphathi bakhe.

“Kodwa kumanje basazohlanganisa amakhanda ngalo msebenzi. Khona kukhona ukungabaza ngakuye ngenxa yokuthi uphethwe kahle kwiSundowns,” kusho umthombo.

FUNDA NALA: URulani uvuma ukuthi iSundowns beyisivika imbudlu yamagoli e-Angola

Lo mqeqeshi useqeqeshe amaqembu amaningi esingabala kuwo iKaizer Chiefs, Golden Arrows, Maritzburg United, Free State Stars neqembu lesizwe lika-Under 23.

Uma evuma ukuza kuMaZulu, kuzomele leli qembu lihlukane nesigaxa semali ukuze limthole nengoba enenkontileka eqinile neSundowns.

Ne-Orlando Pirates ike yazama ukumnxenxa ngasekuqaleni kwesizini ukuba azoyisiza kodwa yehluleka njengoba imali efunwa yiSundowns kuthiwa imba eqolo.

Le nkontileka yakhe ngeke akwazi ukuyinqamula futhi imphoqa ukuthi ahlale kuyo kuze kube ngu-2024.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.