AmaZulu adinga iwini eyodwa bese kuqonda konke: Makhaula

AmaZulu adinga iwini eyodwa bese kuqonda konke: Makhaola
UMakhehleni Makhaola
UDABA: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

Ukudlala kahle ngesizini edlule la AmaZulu eqede khona endaweni yesibili kwiDStv Premiership kwenze kwabhekwa lukhulu kuleli qembu.

Kodwa AmaZulu asadonsa kanzima selokhu kuqale le sizini njengoba efana nemoto evele iphoxe phambi kwabantu ingasafuni ukuduma.  

Ukuqeda kwawo endaweni yesizibili kuwafake kwiCAF Champions League. Kodwa nakhona kubukeka izosheshe ifike ekugcineni indlela yawo.

Usuthu luvule iligi ngenduku kwiMamelodi Sundowns, lwalandela ngokungagculisi lubambana neSwallows.

Kuthe kusetshiswa lokho, lwashiya wonke umuntu emangele luguqiswa yiNyasa Big Bullets yaseMalawi emdlalweni wesigaba sokuhlunga kwiChampions League ngempelasonto. 

Kodwa noma kunjalo uMakhaola ukholwa wukuthi AmaZulu azozijika izint maduze nje, futhi uthi lokho bazokwenza uma sebebhekene neSuperSport United ngoLwesibili.

“Siyazama ukuzigcina sisemoyeni omuhle eqenjini… Sizama ukuhlezi sinomuzwa omuhle nethemba,” kusho uMakhaola ngoMsombuluko.

“Izinto azihambanga ngendlela ebesifisa ngayo kule midlalo embalwa esisayidlalile. Kodwa sinethemba lokuthi zizojika izinto. 

“Sidinga iwini eyodwa nje ezosifaka egiyeni elifanele. Isasiphikile okwamanje. Kodwa sesisondele ekutheni siyithole leyo wini. 

“Okwamanje kumele sizame ukwenza izinto ngendlela efanele, singacabangi noma senze izinto ngewala bese sizifakela ingcindezi,” kusho lo mdlali odabuka eRandfontein, ngaseGoli.

“Siyakwazi esikwazi ukukwenza futhi sidinga ukuqala siwine kanti lokho kuzoqala khona kusasa (ngoLwesibili).

“Okuhle nje ukuthi sidlala kahle futhi siyawakha amathuba okushaya amagoli. Okumele sikulungise wukuthi sinciphise amathuba esiwapha izimbangi.

FUNDA NALA: UDa Gama ujabule ngokukora kwabagadli bakhe kwiTS Galaxy

“Lokho besikwenza kahle kakhulu ngesizini edlule. Uma singakwazi ukudlala imidlalo embalwa singangenelwanga goli kungalunga.

“Lokho kungafaka abagadli bethu umfutho wokuthi noma bengashaya igoli elilodwa nje sogcina siwine ngalo.

“Kodwakumele sibhalansise… kumele sidale kahle, kumele senze izinto ngendlela efanele bese sisebenzisa amathuba esiwatholayo.

“EKugcineni kudingeka sinciphise amathuba avela ngakithi siqinisekise ukuthi amaqembu awalitoli igoli kithi.”

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.