AmaZulu afike awashiya khona amaphuzu abeyowalanda kwiChiefs

UMBIKO: OkaDonga Gumbi
ISITHOMBE: Twitter

AmaZulu FC ahambe eyolanda maphuzu ayehambe neKaizer Chiefs ngephutha, kodwa afike ashiya amanye amabili0 kuleli qembu laseNaturena.

Usuthu beluye eGoli luyobhekana neChiefs emdlalweni weDStv Premiership lusha amashushu ngokubuya namaphuzu agcwele.

Lokhu bekungenxa yokuthi ayebanjwe ngophondo emdlalweni womzuliswano wokuqala la iChiefs yabekelwa iphenathi engekho, yathola igoli lokulinganisa kwacazelwana amaphuzu.

Nokho Usuthu lubuye lulambatha njengoba iChiefs igolozile ukugoba uphondo lamaqembu abambana ngo 1-1 kulo mdlalo obuseFNB Stadium ngoLwesithathu kusihlwa.

Usuthu beluwuqale kahle umdlalo lungakhombisi ukuthi lusekuhambeni njengoba belulwa.

Nokho izinto zisheshe zalutshekela njengoba kuthe ngomzuzu ka-18 iChiefs yalithola igoli.

UKeagan Dolly, okunguye owenza iChiefs ibabe ingepelepele, umake ibhola esiswini walinika uPhathutshedzo Nange.

UNange ube eselibuyisela kuye uDolly obesegudla ngolayini kwesokudla.

UDolly uligobile lahlangana noKeagan Buchana othe uzama ukulichitha lavele layokhalakathela enethini yangakubo.

Usuthu lubuye ngamandla esiwombeni sesibili ikakhulukazi ngemuva kokuba uCole Alexander ekhishwe ngekhadi elibomvu.

FUNDA NALA: UCarrick uncoma uSancho ngokuzimisela kwiMan United 

UBenni McCarthy ukhombise ukuba bukhali, waphuthuma wafaka uLuvuyo Memela noBoy De Jongh ngemuva kwalokhu.

Imisebenzi kaDe Jongh isheshe yabonakala njengoba elinye lamabhola awagobile kwesokudla lihlangane noBongi Ntuli walivalela enethini.

NoSuthu luqede lungasaphelele njengoba uSiyabonga Mgwazela ekhishwe ngekhadi elibomvu ngasekupheleni komdlalo.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *