AmaZulu alandela ezinyaweni zeChiefs, ngabe azokwenza kangcono?

AmaZulu alandela ezinyaweni zeChiefs, ngabe azokwenza kangcono?
U-Augustine Mulenga
Sihle Ndlovu 

Iqembu okuyilona lodwa elishaye iMamelodi Sundowns ngesizini edlule, iKaizer Chiefs, licisho lazithola lisala ngaphandle kwiTop 8 ekupheleni kwesizini.

Empeleni Amakhosi apulukutshele lwiTop 8 ekugcineni, ngemuva kokushaya iTS Galaxy emdlalweni wokuvala isizini.

Ngaleso sikhathi leli qembu laseNaturena belenza kahle kwiCAF Champions League elishaywe kuyona kowamanqamu yi-Al Ahly yase-Egypt.

Njengamanje AmaZulu FC abukeka efuna ukulingisa iChiefs ngayo yonke into ayenzayo kule sizini.

Usuthu yilona lodwa iqembu elisashaye Abafana Ba-Style, ababukeka bengeke besavimbeka ukuthatha isicoco seDStv Premiership, okwesihlanu kulandelana.

AmaZulu enza kahle kwiChampions League kodwa akuthola kunzima kakhulu ukuthola amaphuzu emidlalweni yeligi.

EzikaBenni McCarthy sezidlale imidlalo engu-22, zawina emihlanu, zadlala ngokulingana engu-14, zase zishaywa kwemithathu.

Ikhona ingozi yokuthi Usuthu lugcine luphumile kwiTop 8 njengoba luhleli endaweni yesithupha ngamaphuzu angu-29.

FUNDA NALA: Kunconywa uNomvelo ngokuwenza ngobunyonico umsebenzi wakhe esibhakeleni

Iqembu elingemuva koSuthu, endaweni yesikhombisa yiSekhukhune United enamaphuzu angu-28.

ISekhukhune isadlale imidlalo engu-18 kanti iyayithola imiphumela emihle. Ngemuva kweSekhukhune kukhona iCape Town City enamaphuzu angu-27 emidlalweni engu-19.

Nalo leli qembu laseKapa liyayithola imiphumela uma liqhathaniswa naMaZulu, amandla ngokudlala ngokulingana.

AmaZulu aphinde alahla amaphuzu edlalela ekhaya ngemuva kokubambana neStellenbosch FC ngo 2-2, eMoses Mabhida Stadium, ngoLwesithathu.

Konke lokhu kukhombisa izimpawu ezingezinhle njengoba imidlalo yeligi iya ngokuncipha.

Imidlalo engakadlalwa ayiwona amaphuzu kodwa indlela enza ngayo AmaZulu iyona enganiki ithemba ngeTop 8.

Ngabe Usuthu luzozithola luzabalazela iTop 8 njengeChiefs?

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *