AmaZulu aphambana nokwenza kobekulindelwe kuwo kule sizini

AmaZulu aphambana nokwenza kobekulindelwe kuwo kule sizini
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

AmaZulu FC abukeka ezimisele ngokwephula irekhodi eliqoshwe yiSwallows FC lokudlala ngokulingana imidlalo yeligi eminingi ngesizini eyodwa.

IZinyoni ziqophe umlando ongemuhle ngesizini edlule zidlala imidlalo yeDStv Premiership engu-20 yonke ngokulingana.

Njengamanje Usuthu lulandela ngqo ezinyathelweni zeZinyoni njengoba emidlalweni engu-16 luwine emithathu, lwadlala ngokulingana kwengu-11 lwase lushaywa kwemibili.

AmaZulu angelinye lamaqembu asevele aqalile ukudlala imidlalo yomzuliswano wesibili.

Aseqedile neKaizer Chiefs kule sizini njengoba kube ngu 1-1 kuyona yomibili imidlalo yeligi.

NgoLwesithathu olwedlule Usuthu lulahle amaphuzu lubambana ne-Orlando Pirates ngo 1-1 ekhaya, eJonnson Kings Park.

Empeleni Usuthu kumele lubonge nokuthi lowo mdlalo uphele zibambene ngoba iPirates ibingcono kunalo.

Luphindile Usuthu ngoMgqibelo lwadlala ngokulingana neChippa United ngo 1-1.

Ngemuva komdlalo wangoLwesithathu umqeqeshi uBenni McCarthy akazange athethe kakhulu ngokungawashayi kwabo amagoli njengasemihleni.

“Ngiyabancoma indlela abadlali bami abenze ngayo. Badlale kahle belwa ukuze babuyele emdlalweni,” kusho uMcCarthy ekhuluma nabeSuperSport.

Usuthu luke lwalandela ngemuva kulo mdlalo kodwa uTshepang Maremi washaya igoli lokulinganisa ngaphambi kokuthi ziye ekhefini.

FUNDA NALA: U-Eto’o usengumengameli webhola eCameroon

IPirates ibikade ihambe phambili ngegoli likaDeon Hotto. AmaZulu nePirates bazophinde batholane phezulu koweligi ngaphambi kokuthi kushaye uKhisimusi.

NgoMgqibelo uMcCarthy akakhulumanga ngemuva komdlalo kunalokho kukhulume umsizi wakhe uSiyabonga Nomvete.

Akwaziwake noma uBenni ubacanukile yini ngoMgqibelo ngoba iqembu lakhe yilona elishaye igoli kuqala kulo mdlalo.

Usuthu lushoda ngemidlalo eyisishiyagalolunye kuphela ukuthi lufice iZinyoni ngokudlala imidlalo eminingi ngokulingana.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.