AmaZulu asebambise ngoxoshwe kwiSwallows

AmaZulu asebambise ngoxoshwe kwiSwallows
UBrandon Truter
OkaDonga Gumbi

AmaZulu FC aseqashe uBrandon Truter ukuba abe ngumqeqeshi kuze kuphela isizini. Lokhu kwenzeka kulandela ukuxoshwa kwaleli qembu uBenni McCarthy ngoLwesihlanu.

Ukungahambi kahle kwezinto yikho okwenze leli qembu laseThekwini lamhoxisa uMcCarthy.

NgeSonto limemezele ukuthi seliqashe uTruter naye oxoshwe kwiSwallows FC kuyo le sizini ngenxa yokugqoza kwemiphumela emihle.

Nokho akuvezile nokuthi umkhankaso wokuthola umqeqeshi omusha aseqalile, athembisa ukuthi kuzophela u-Ephreli esetholakele.

Impempe seyitholile ukuthi amahhovisi Osuthu avele avale ngoLwesihlanu sezikhona izicelo zomsebenzi esezifikile.

FUNDA NALA: USukazi uzisusela iziqandu nje ngalento ayikhulumayo

Cishe nangoMsombuluko abasebenzi bayofikela kwezinye eziningi njengoba lo msebenzi walo uthathwa njengomunye wephezulu kwiDStv Premiership.

“AmaZulu FC akujabulele ukumemezela ukuqashwa kukaBrandon Truter njengebamba lomqeqeshi kusukela manje kuze kuphele le sizini ka-2021/22.

“Sesibheke ukuba yiqembu elilwayo kule midlalo eyisikhombisa esele,” sifundeka kanje isitatimende esikhishwe Usuthu ngeSonto ntambama.

“Ukuhlwaywa komqeqeshi ozohola iqembu ngale kwale sizini sekuqalile futhi kufanele ukuba kuyophela uEphreli sekuphothuliwe”

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.