AmaZulu aseqoke obeqeqesha iGallants uRomain Folz

AmaZulu aseqoke obeqeqesha iGallants uRomain Folz
URomain Folz

 

URomain Folz nguye osemenyezelwe njengozovala isikhala sikaBrandon Truter kuMaZulu FC kusaphele amaviki ambalwa ashiya kwiMarumo Gallants. 

Namanje akukacaci ukuthi nguye owasula noma waxoshwa yini uFolz kuleli qembu laseLimpopo akhala ngobuhlathi bokuphathwa kwalo. 

Nokho konke lokho akusasho lutho njengoba esethole elinye ithuba lokuziveza ebholeni laseNingizimu Afrika. 

AmaZulu wona akhulule uTruter ngoLwesine kusadlule usuku kade engene ehlazweni lokushaywa omkhaya iRichards Bay ngo 1-0 emdlalweni weligi.  

Umengameli waMaZulu uSandile Zungu uthe ubengeke ahlale azibe uma ebona sengathi inqola ayisabhekile la befuna khona ngaphansi kwesandla sikaTruter.

“Ngiyasiphinda isethembiso sami kubalandeli bethu sokuthi ngizokwenza konke okusemandleni ami ukubuyisela AmaZulu ekubeni yiqembu eliphezulu,” kusho uZungu.

“Siyiqembu elingakwazi ukulwela izicoco, asikungabazi lokho. Singazilwela izicoco kuleli nasezwenikazi,” kwengeza uZungu.

“Njengeqembu elidala kunawo wonke kwiDStv Premiership, Usuthu luyigugu lebhola laseNingizimu Afrika ngakho kumele sisheshe silungise uma kukhona la sixega khona.”  

URomain Folz, oneminyaka engu-31, uzosizwa ngu-Ayanda Dlamini owayengumgadli kuleli qembu phambilini futhi obesenkulisa yeqembu kule minyaka embalwa edlule. 

UDlamini uke waba ngumqeqeshi weqembu elikhulu ngaphambi kokuba lithengwe nguZungu kwabakwaSokhela.

Kwathi uma sekuthengwa abadlali abanamagama wacela ukukhululwa bauyele enkulisa ngoba ezibona engenawo amava afanele. 

FUNDA NALA: Kuphinde kwagqama inkinga yamagoli kwiPirates ibambana neRichards Bay

Ngaphambi kokuqasha uRomain Folz bekuke kwanamahlebezi okuthi Usuthu lufuna u-Ernst Middendorp oseqeqeshe emaqenjini amaningi ehlukene kuleli.

Nokho sekuvele ukuthi uMiddendorp usanda kuthola umsebenzi kwiFifa ngakho usamile ekuqeqesheni okwesikhashana.

Ubebhekwe nakwiSwallows FC egcine seyinika uMusa Nyatama elinye ithuba lokuba asebenze ngokugcwele njengomqeqeshi.

Umsebenzi ohlalele uFols kuMaZulu usobala njengoba uZungu ehlale ekubeka kucace ukuthi akafuni leli qembu libe ngaphansi kwendawo yesine kwilogi.

Ngokwabadlali Usuthu lubophele kahle futhi lungakwazi ukulwela izindebe. Amasu eza noFols azobonakala okokuqala goLwesihlanu uma sebebhekene ne-Orlando Pirates.

– Alfred Ngubane

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *