AmaZulu athi akhuculule amakhehla ukuze alande abafana abancane

AmaZulu athi akhuculule amakhehla ukuze alande abafana abancane
UGabadinho Mhango osezogijima kuMaZulu ngesizini ezayo
OkaDonga Gumbi

AmaZulu FC aseveze ukuthi njengoba agxekwa nje ededele inqwaba yabadlali abebebonakala benohlonzo eqenjini, inhloso bekuwukubuyisa abasebancane.

Leli qembu laseThekwini lashiya abaningi bekhexile lidedela abadlali abangu-15 okubalwa kubo noLuvuyo Memela no-Augustine Mulenga abebedlala kahle.

AmaZulu adalule ukuthi asesayine abadlali abayishumi ngoLwesine ntambama, kodwa akhipha amagama abayisithupha kuphela okwamanje.

Kodwa into Usuthu oluyiqokothisile wukuthi kulaba badlali abasha iminyaka yabo isemihle ukuthi basazolisiza iqembu isikhathi eside.

Lithi iningi kulabo elabadedela bebeneminyaka ebalelwa ku-30, kanti laba abasha eyabo iseduze no-25 okusho ukuthi balungiselela ikusasa.

FUNDA NALA: UMthalane uthi useabeka ethala amagilavu kwezamankomane

“Sesilinde ukuqedelelwa kokusayinwa kwabadlali ababili bese kwenyuswa bababili abasuka eqenjini leMDC (isibizwa ngeDDC), nabo siyobamemezela uma sekuphothuliwe konke.  

“Uma sekuqediwe, iminyaka yalaba badlali abasha izobe iseduze kuka-25 kanti ngokuqondana nje kwezinto eyalaba abangu-15 ababdedeliwe yoba beyisondele ku-30,” kusho AmaZulu esitatimendeni. 

Naba abadlali abasha abasamenyezeliwe: Thendo Mukumela, Veluyeke Zulu, Riaan Hanamub, Dumisani Zuma, Augustine Kwem, TS Galaxy and Gabadinho Mhango.

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.