AmaZulu awakafuni ukungena egiyeni, kodwa uMcCarthy uthi kuseva

AmaZulu awakafuni ukungena egiyeni, kodwa uMcCarthy uthi kuseva
UKhetha Ndlovu
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter

UBenni McCarthy oqeqesha AmaZulu FC kuzomele akubeke engqondweni okwenzeka kuye ngesikhathi esaqeqesha iCape Town City kumasizini edlule.

Lo mqeqeshi waqala kahle kakhulu kwiCitizens ewina indebe, kodwa kwabuye konakala ngokuhamba kwesikhathi.

Lokhu kwaholela ekutheni leli qembu limxoshe uMcCarthy ngoba abaphathi base becabanga ukuthi uphelelwe amaqhinga.

Ngesizini edlule uMcCarthy ugile izimanga naMaZulu eqeda endaweni yesibili kwilogi yeDStv Premieship.

Nokho kule sizini izinto azikahlangani kahle njengoba iqembu lingakawini nowodwa umdlalo.

Empeleni umfo kaMcCarthy kumele akhathazeke ngokuthi emidlalweni emithathu. Usuthu alukawini nowodwa.

Luqale lwashaywa yiCape Town City ngo 2-1 emdlalweni weMTN 8. Ngemuva kwalokho kulandele ukuthi
AmaZulu ashaywe yiMamelodi Sundowns ngo 1-0 emdlalweni wokuvula weligi.

NgoLwesithathu Usuthu luphinde lwalahla amaphuzu lubhekene neSwallows FC lapho la maqembu ebambane khona ngo 0-0.

Kulo mdlalo kucace bha ukuthi AmaZulu ‘asenebhabhalazi’ lokwenza kahle ngesizini edlule, okuyinto okumele ayiqaphele uBenni.

“Kuseva futhi angicabangi ukuthi sidlala ngendlela okumele sidlale ngayo,” kusho uMcCarthy ngemuva komdlalo wangoLwesithathu.

“Asidlalanga kahle ngesiwombe sokuqala kodwa sizamile ngesesibili. Kuningi okumele sisenze kukona.

Uphinde wathi: “Uma ungenaye umdlali ofana noMulenga kuba nzima eqenjini. Kodwa sizosebenzisa ikhefu ukulungisa izinto.

FUNDA NALA: IChiefs iqale izitshuzela, yaqeda sekuminyiwe iwina kwiBaroka

“Kodwa umdlali ofana noPhilani Zulu ufike kwezwakala, wangena khaxa.” Ukwenza kahle koSuthu ngesizini edlule kulufakele enkulu ingcindezi.

Njengamanje leli qembu kumele likhombise ukuthi okwenzeke ngesizini edlule bekungoyona inhlanhla nje.

E-England sekuke kwenzeka ukuthi iLeicester City ithathe isicoco seligi bese icishe idliwa yizembe ngesizini elandelayo.

Lokhu kwenza ukuthi umqeqeshi wayo akhonjwe indlela yize ayeyiqhawe ngesizini lapho bawina khona
iligi.

Nokho akukubi kangako kuMaZulu, mhlawumbe yikona ukuthi amanye amaqembu aseyabazi futhi asebalungiselela kangcono.

EMAIL: Editor@impempe.com | TWITTER: @impempe_com | FACEBOOK: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published.