AmaZulu ayijikele isithembile iStellenbosch

AmaZulu ayijikele isithembile iStellenbosch
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Twitter 

AmaZulu FC abuye sekuvalwe amehlo ngesikhathi ebambana neStellenbosch FC ngo 2-2 emdlalweni weDStv Premiership eKapa ngoMgqibelo.

Usuthu cisho lwashaywa yiqembu laseKapa ekubeni linerekhodi elihle emaqenjini akhona kwazise libambabule iCape Town City ngo 2-0 emdlalweni odlule.

Emdlalweni wangoMgqibelo AmaZulu iwona abehlasela kakhulu ngesiwombe sokuqala kodwa angawasebenzisa amathuba abewakha.

Umdlalo ushintshe ngo 0-0 lingekho elivuma ukugoba uphondo.

Ngesiwombe sesibili iStellies ibuye seyiyimbi kakhulu ihlasela iphindelela.

Akumangazanga ngomzuzu ka-59 ngesikhathi u-Augustine Digmba eshaya igoli lokuqala leStellies.

AmaZulu azame ngayo yonke indlela ukubhukula efuna igoli lokulinganisa.

Nokho ukuya kwawo phambili efuna igoli, kwenze ukuthi avuleke emuva.

Yingakho ke kuthe ngomzuzu ka-70 u-Ashley du Preez eshaye igoli lesibili leStellies kwacaca ukuthi amaphuzu
azosala eKapa.

Usuthu luzamile ukubuya nokuthe ngomzuzu ka-74 uSiphesihle Maduna washaya igoli kwaba ngu 2-1.

Bese kuwuSuthu obeluhlasela kakhulu emizuzwini yokugcina.

FUNDA NALA: Ulale ebaliwe uPhungwayo owayegijima kwiPirates

Bekubukeka sengathi umdlalo uzophela ngo 2-1 ngesikhathi uKeagan Buchanan eshaya igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-88.

Lokhu kumjabulise kakhulu umqeqeshi uBenni McCarthy obebukeka ebhocobele ngaphambi kwaleli goli.

UMcCarthy uke wacashunwa ethi ukudlala kwiCAF Champions League kuthe ukubaphazamisa ngasekuqaleleni kwesizini.

IStellies ihlezi endaweni yesibili manje kwilogi kanti ayikashaywa.

Leli qembu laseKapa liqede umdlalo lingasaphelele ngemuva kukaDevin Titus ngekhadi elibomvu kulandela ukudlalisa kabi unozinti woSuthu, uVeli Mothwa.

EMAIL: Editor@impempe.com  | TWITTER: @impempe_com

Leave a Reply

Your email address will not be published.