AmaZulu nethuba lokubuyisa izinduku ayishovele ehlathini iMaritzburg

Lehhonolo Majoro of AmaZulu FC u
ULehlohonolo Majoro
UDABA: Sihle Ndlovu
ISITHOMBE: Instagram

AmaZulu FC asevele ahleli ngokunethezeka endaweni yesibili kwilogi yeDStv Premiership, futhi asezibekisele indawo kwiCAF Champions League ngonyaka ozayo.

Usuthu lushaye into ecokeme kule sizini ka-2020/2021 njengoba luya emidlalweni yokugcina lunamaphuzu angu-53. Luzobhekana neMaritzburg United emdlalweni wokuphetha isizini eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.

ITeam of Choice ayimile kahle kwilogi futhi ukushaywa, bese ingavunwa yimiphumela, kungenza iyodlala imidlalo yokuhlunga. Akukhona okokuqala la maqembu etholana kowomkhaya sekusongwa isizini, futhi elinye lawo lidinga ukuwina ukuze libalekele ingozi.

Kumasizini edlule AmaZulu ayedinga ukuwina ngesikhathi ebhekene neMaritzburg emdlalweni wokugcina weligi eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. ITeam of Choice eyayiqeqeshwa nguSteve Komphela ngaleso sikhathi, ayibanga noluncane uzwelo. Yawathela induku AmaZulu ashona ehlathini.

Umdlalo wangoMgqibelo kulindeleke ukuthi ungehluki kakhulu kodwa kulokhu ezika-Ernst Middendorp okumele ziwine ukuze zingazitholi zishelela, ziyodlala imidlalo yokuhlunga.

Umgadli waMaZulu uLehlohonolo Majoro uthe nabo bafuna ukuqeda isizini ngegiya eliphezulu njengoba bedlale kahle. Ngakho ngeke bayithambisele iTeam of Choice ngoMgqibelo.

“Kuzoba umdlalo onzima ngoba iMaritzburg isazama ukunyuka kwilogi. Nokho kubalulekile kithi ukuvala ngegiya eliphezulu uma ubheka isizini esibe nayo. Ngicabanga ukuthi yisizini enhle kunawo wonke emlandweni waMaZulu njengeqembu.

“Ngakho kuzoba mnandi kakhulu ukuvala isizini ngewini,” kusho uMajoro. Umqeqeshi, uBenni McCarthy uthe kumele bazibambe ziqine abeTeam of Choice ukuze babalekele inhlekelele.

“Kumele bawine ukuze bazisindise bona. Uma bewina kuzoshintsha yonke into kodwa uma bengawutholi umphumela abawufunayo, bese amaqembu angaphansi kwabo ewina, kungashuba isimo.

“Kumele badlale kodwa lokho kuyingozi kubo ngoba badlala neqembu (AmaZulu) elingeke lilahlekelwe yilutho. Abanye babadlali bethu basadlalela ukuthi bagcine izindawo zabo futhi bafuna ukuba yingxenye yeCAF Champions League.

“Ngakho basadlalela ukuthola indawo eqenjini leCAF. Umdlalo lapho izitha kumele zicabange kahle ukuthi zizodlala kanjani. Umdlalo womkhaya futhi sithemba ukuthi uzoba muhle,” kubeka uMcCarthy.
Email: Editor@impempe.com
Twitter: @impempe_com
Facebook: Impempe SA

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *