Amehlo azothi njo kuZwane uma iChiefs seyiqala isizini entsha

Amehlo azothi njo kuZwane uma iChiefs seyiqala isizini entsha
Umqeqeshi weKaizer Chiefs u-Arthur Zwane okubhekwe lukhulu kuye
Sbongs Gumbi

Ngokujwayelekile, uma kuqala isizini entsha amehlo abalandeli asuke ebheke kubadlali abasha eqenjini ukubona ukuthi bafike nani, kodwa kwiKaizer Chiefs kuzokwehluka kulokhu.

Amanye amaehlo azobe ebhee kumqeqeshi u-Arthur Zwane onikwe lo msebenzi ngokusemthetwheni ngoJuni, kusasele izinyanga ezimbili kuqale isizini entsha.  

“Ukukhuluma iqiniso nje, ngisakujabulele ukusebenza kwami,” kusho uZwane ngoLwesine ngesikhathi ekhuluma nabezindaba eNaturena.  

“Selokhu ngakujabulela ukusebenza lapha kusukela ngisaqeqesha iqembu lenkulisa la nganginengcindezi khona.

“Empeleni nje, akukho ukuphumula uma usebenza kwiKaizer Chiefs, ikakhulukazi uma wonke amehlo ethe njo kuwe.

“Kodwa ke sengakwamukela lokho, kuyingxenye yempilo yami. Kuyingxenye yomsebenzi wami. Sihluliwe noma siwinile, ngizokwamukela ukugxekwa ngoba ngiyazi kuyingxenye yalo msebenzi,” kuchaza uZwane.  

Enye yezinto inqwaba yabalandeli beChiefs ababheke ngabomvu ukuyibona ngeChiefs wukuthi uZwane uzolibophela kanjani iqembu lakhe. 

IChiefs ithenge abadlali abasha kanti izoqala umkhankaso wayo kwiDStv Premiership ekuhambeni la izobhekana khona neRoyal AM eyithwalise kanzima ngesizini edlule iyishayela ekhaya nasekuhambeni. 

“Njengoba sibheke kulo mdlalo nje, akubanga lula ukuqoka iqembu esizohamba nalo (ukuya eThekwini) elizosenzela  umsebenzi ngendlela efanele.  

“Bonke abadlali bakhombise ukuzinikela futhi basebenza ngokuzikhandla bezama ukuzibeka ethubeni lokungena eqenjini esizohamba nalo ukuya eThekwini siyobhekana neRoyal AM.  

FUNDA NALA: Ngabe iCity ingayiqhuzula iSundowns? 

“Ngididekile ngokuthi ngizokhetha kanjani, kodwa wukudideka okuhle ngoba ngizobe ngikhetha kubadlali abakhombise ukuzimisela ukuthi baye enkundleni bayosilwela.”

Nokho kubadlali azobe ekhetha kubo uZwane babili abazobe bengekho. UPhathutshedzo Nange uzobe esadonsa isigwebo sokumiswa sangesizini edlule. 

USifiso Hlanti yena usazama ukubuyela esimweni esifanele ngemuva kokuhlala ngaphandle isikhathi eside engadlali ngenxa yokulimala. 

UZwane uthe wenelisekile ngeqembu analo njengamanje nokuthi kuhambe kahle ngesikhathi belungiselela isizini. 

editor@impempe.com

Leave a Reply

Your email address will not be published.